LUZOKWETHULWA u-Anele Mdoda uhlelo lomculo, oseluvumbulule amakhono abaningi kuleli, iThe Voice SA, ezoqala ekuqaleni konyaka ozayo.
Lolu hlelo belwethulwa uLungile Radu amasizini amabili elandelana.
Isolezwe like labika ukuthi kulolu hlelo kulindeleke izinguquko ezinqala uma sekuqala isizini entsha.
Umthombo weSolezwe ongashayi eceleni, uthe kulolu hlelo kuzogaya ngomunye umhlathi, njengoba abasunguli balo bebone kungcono bashintshe lapha nalaphaya kulo.
"Kuningi khona okushintshile njengoba abebala elimnyama kubonakala sengathi bayangenisa kulona. ULungile noLira yibona bobabili akade bekhona kulona kodwa manje emajajini uRiky Ricky uzitholele isikhala njengoba enikwe ithuba lokuthi ajaje kulona lolu hlelo," kuchaza yena.
Umthombo uqhube wathi laba sebekubheke ngabomvu ukuqala kulolu hlelo, njengoba zabathokozisa izindaba zokucelwa ukuthi babe yingxenye yalo.
Ekuqaleni kwale nyanga uLani Lombard wakwaM-Net ebuzwa ngalezi zindaba wakubeka kwacaca ukuthi maduzane bazozimemezela izinguquko ezizobonakala kulolu hlelo.
Okunye akusho wathi abantu bazokujabulela ukubona ijaji elisha abalipikile ukuthi lizosiza amanye.
Isolezwe liphinde lahabula ukuthi yize kungakacaci ukuthi iliphi ijaji elingabuyanga kusizini entsha kodwa, uLira usekhona ohlelweni.