BUPHELILE ubudlelwane phakathi komculi we-Afro Pop u-Amanda Black, nenkampani akade eqopha ngaphansi kwayo futhi ibhekelela izindaba zakhe i-Ambitiouz Entertainment.
Lezi zindaba zivezwe yilo mculi ngoMsombuluko ntambama enkundleni yokuxhumana iTwitter.
Le ntokazi eyazakhela udumo ohlelweni ama-Idols SA, ifake isitatimende esiveza izizathu zokushiya le nkampani.
U-Amanda uthe isizathu esimenze washiya le nkampani ukuthi kukhona la bebengavumelani khona nabaphathi bakhe.
“Ngikhethe ukufuna imenenja entsha ngenxa yokuthi kuningi ebesesingaboni ngakho nabaphathi bami enkampanini ekade ngikuyona. Ngiyabonga kakhulu kwengenzele khona i-Ambitious ngize ngibe la ngikhona manje. Ngifuna ukusebenza nabantu abasha manje,” kusho u-Amanda.
Uqhube wathi kumanje umatasa ufuna ithimba elizosebenza naye ekuboneni amapulani namaphupho anawo njengoba ebheke phambili ekukhuliseni umculo wakhe.
“Imenenja yami entsha izobhekelela izindaba zokuqashwa kwami emicimbini eyehlukene futhi isize ekukhuliseni igama lami. Izokwazi ukungigcina ngisemehlweni omphakathi ukuze ngikwazi ukufinyelela futhi ngaziwe abantu ngisho emazweni ase-Afrika nakwamanye amazwe,” kuchaza u-Amanda.
Thank you Fi ❤️ I Appreciate the love so much. And know that I’m behind you 100% on your journey as well. You’re not alone. Trust 🙏🏿😘😘😘😘 https://t.co/POeSu6EQ5M
— Amanda Black (@AmandaBlackSA) June 18, 2018
Uthe okwamanje akahleli uyaqhubeka nokwenza izinto ezehlukene ezithinta umculo.
“Ngisebenza nenkampani yegazi iSouth African National Blood Services okube nomthelela omuhle njengoba kukhona ingoma engiyikhiphile ethi Gaz Lam ngokuhlanganyela noVusi Nova.
Uthe inhloso yabo ngale ngoma ukunxusa abantu ukuthi banikele ngegazi njengoba kuke kube nezikhalazo zokuthi liyashoda kuleli.