KUKHUNJULWE u-Albertina Sisulu noWinnie Madikizela-Mandela ngomculo ePlayhouse ngoMgqibelo ebusuku.
Uhulumeni wathi lo nyaka kuzogujwa ngawo ikhulunyaka likaMama Sisulu, osewalala kobandayo. UMadikizela-Mandela, owayeyisishoshovu sepolitiki, ushone ngo-Ephreli nonyaka.
Ikhonsathi iqale ngo-7 yaphela ngo-9.
Abebenandisa nguGloria Bosman ochaze abaningi ngesikhathi eseshaya ingoma yakudala iParadise Road njengoba abantu bese beyicula naye. Ucule nekaMirrian Makeba ethi Malaika nezinye izingoma.
Kushukume inkundla sekungena uKhanyo Maphumulo njengoba ubenomfutho ecula futhi engazibekile phansi ngomdanso. Ubelokhu ebacele njalo abantu ukuthi bangalokothi bahlale phansi kunalokho basukume badanse naye.
AMALUNGU eSibuyile Nonzame Traditional Dancers eshaya adume ngazo ePlayhouse, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku Izithombe: FANELESIBONGE BENGU
Ucule isikhathi esincane qede wavalalisa kwasala kuduma elikhulu ihlombe.
Abanye abebenandisa ngumbhali wezincwadi uGcina Mhlophe, imbongi uLebo Mashile, KZN Philharmonic Orchestra, Sivuyile Nonzame Tradtional Dancers nebhendi yasePlayhouse.
Ngaphambi kokuthi umcimbi uvalwe kungene uGcina noLebo esiteji abanxuse abantu ukuthi bahloniphe uMama Sisulu noMadikizela-Mandela. Babe sebeshaya ingoma etusa lezi zingqalabutho bagcwala esiteji abebenandisa, banikezwa nezimbali.
Abantu bebephume ngobuningi babo ukuthamela umcimbi. Isikhulu sasePlayhouse uLinda Bukhosini besingazibekile phansi sidansa kubonakala ukuthi sijabule ngomcimbi.
UBENGAZIBEKILE phansi ecula aze adanse uKhanyo Maphumulo ePlayhouse ngoMgqibelo ebusuku. Isithombe: FANELESIBONGE BENGU
Ikhonsathi iyingxenye yomgubho wenyanga yabantu besifazane waminyaka yonke owenziwa ePlayhouse obizwa ngeSouth African Women’s Arts Festival. Kulo nyaka kungokuka-22 ikhona.
Ifestivali iqale ngoLwesibili olwedlule kanti iyozwe isongwe ngoMgqibelo. Ihlanganisa amakhonsathi omculo nemidlalo yeshashalazi.
ISIKHULU esiphezulu sePlayhouse uLinda Bukhosini besijabule ngesikhathi kuqhubeka ikhonsathi abebeyihlele kule ndawo ngoMgqibelo ebusuku.