ISIHLABANI somculo wehip-hop u-AKA sizofundisa abantu abazohambela izithangami ezehlukene zamaLoeries ukwenza imali ngobuciko babo.
Isikhulu esiphezulu samaLoeries, uMnuz Andrew Human, sithe kuningi okwenzekayo kumaLoeries akuwona umcimbi wamaphathi nobumnandi, into ehlale icatshangwa ngabantu.
“Siqala ngokuba namajaji ahlunga izikhangiso ezihamba phambili emhlabeni jikelele. Asuka emazweni ahlukene okubalwa o-Australia, Nigeria, Abbu Dhabi, namanye amazwe. Siba nezithangami zokucobelelana ngolwazi okubalwa ese-UN Women lapho kuzokhulunywa ngendlela esibaveza ngayo abesifazane no-AKA uzobe ekhona ngoLwesihlanu efundisa abantu ukuthi bayenze kanjani imali njengama-brands,” kusho uHuman.
Uthe zikhona nezithangami zokufundisa abantu ukuthi bazikhangise kanjani kwiLinkedIn ngoba nakudala babefundisa ngokubhala umlandokuzazisa (CV) nokunye okudingwa ngabaqashi.
Wunyaka wokugcina umcimbi omkhulukazi wezokukhangisa amaLoeries uba seThekwini ngoba iyaphela inkontileka eyasayinwa ngabanikazi bawo nezikhulu zikaMasipala weTheku.
UHuman uthe kuningi abazokukhumbula eThekwini, abale kukho isimo sezulu esihlale sifudumele uma kuqhathaniswa neCape Town, abantu abanomusa nokuxoxa nabafundi bezikole ezehlukene.
AmaLoeries anohlelo lokusiza abantu abasha abaphuma emindenini eswele kodwa abathanda ukungena kwezokukhangisa. Bayafundiswa ngabamaLoeries bese besizwa ukuthola umsebenzi.
Iningi labo liqashwa yizinkampani eziphambili zokukhangisa.
UHuman uthe amaLoeries avule amatoho awu-500, ahanjelwa ngabantu abangaphezu kuka-1 000 abavela kwezinye izifundazwe namazwe omhlaba bese kuba nabantu baseThekwini nezinye izikhulu zezinkampani ezifika ngezinsuku ezehlukene.
“Ngiye ngizwe abantu bebuza ukuthi amaLoeries enzani emalokishini kodwa kufanele bakhumbule ukuthi amathuba omsebenzi akhekayo ngenxa yamaLoeries yiwona afaka imali emalokishini ngoba siqasha abantu abahlukene. Amahhotela ayagcwala bese kungena imali emnothweni weTheku. Ulwandle lwaseThekwini lufana nomnotho ozosiza idolobha ukuba lithuthuke. Ngicabanga ukuthi miningi eminye imicimbi ezoza ngenxa yalo,” kusho uHuman.
Uthe banabafundi abawu-60 ababathuthukisayo ukuze bangene kwezokukhangisa.
Ucele uhulumeni ukuthi abamukele abokufika abanamakhono ahlukene ikakhulukazi abazokwakha izimboni ezizodala umsebenzi.
Ubalule ukuthi izinkampani ezinkulu e-United States abale kuzo iGoogle, Tesla ne-Apple zisungulwe ngabantu bokufika. Umsunguli weGoogle udabuka eRussia, oweTesla owaseNingizimu Afrika bese owe-Apple abe nabazali abadabuka eSyria.