UMREPHA wakuleli, uKiernan Forbes, odume ngelika-AKA, uveze ukuthi indondo ayithole emcimbini wezingane, amaNickelodeon Kids Choice Awards, eLos Angeles, uzoyinika indodakazi yakhe.
Indodakazi ka-AKA, ibingazibekile phansi ezinkundleni zokuxhumana, selokhu kwavela izindaba zokuqokwa kukayise kulo mcimbi inxusa abantu ukuthi bamvotele.
U-AKA ubeqokwe emkhakheni wosaziwayo ohamba phambili kuleli.
Kulo mkhakha ubeqokwe noKagiso Rabada, Somizi Mhlongo, Nomzamo Mbatha noSiya Kolisi.
“Ngiyaziqhenya kakhulu ngokuthola le ndondo kulo mcimbi. Ngiyamukela egameni lendodakazi yami nabo bonke abalandeli bami abangivotele ukuze ngiyithole. Ngiyabonga kakhulu,” kubhala * -AKA emakhasini akhe kwiTwitter nakwi-Instagram.
Uthe okumjabulisa kakhulu ngokuthola indondo ukuthi uvotelwe izingane ezimbona ehamba phambili ohlotsheni lomculo asehlale kulo iminyaka engaphezu kwengu-10.
“Lokhu kusho lukhulu kithi maciko ase-Afrika njengoba sesilikhombisa igalelo lethu emhlabeni wonke,” kuchaza u-AKA.
U-AKA akuqali ukuthi abe iciko lakuleli ukuthola indondo emcimbini ofana nalona.
Ngo 2017, uTrevor Noah wayithola indondo kulo mcimbi eqokwe emkhakheni weFavourite African Star.
Uhlelo lomcimbi beluphethwe uDJ Khaled. Kubonakale nosaziwayo okukhona kubo uMena Massoud, Will Smith, Naomi Scott, Drake, Josh Josh Peck nabanye.