INCWADI ebhalwe ngumlingisi osemnkantsh’ubomvu uVatiswa Ndara okhala ngokuxhashazwa kwamaciko yiyona obekuphuzwa ngayo itiye phakathi nesonto. UVatiswa ukhale kakhulu kuNgqongqoshe wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko, uMnuz Nathi Mthethwa, ethi akababonelele. UKHETHA SANGWENI ukhiphele eshashalazini uMthethwa ukuba achaze kahle ngezikhalo zamaciko.
UYITHOLILE incwadi kaVatiswa abeyibhale wayenekela izwe lonke, kukuphathe kanjani indlela enekwe ngayo nezinto ezibhaliwe?
INKINGA yokuxhashazwa kwamaciko indala kakhulu, kusukela koMahlathini owaduma kakhulu kodwa wafa ehlwempu.
Baningi nabanye esingababala ababa nenkinga efanayo, yingakho phela sisukumile sahlanganisa umthetho ozobhekana nosizi lwawo amaciko.
Sihlangabezana nenkinga yokuthi wona amaciko ewodwa awavumelani nomthetho nokuyinto okufanele bayilungise bona.
NINA enishaya umthetho nicabanga ukuthi unani lo mthetho owenza ukuthi ungamukeleki kubantu okufanele ubasize?
UMTHETHO awuhlali ungabi nazo izikhala nawo lo unazo njengayo yonke kodwa bona kufanele basho ukuthi kumele kwenziwenjani, kuchitshiyelwe kuphi, hhayi ukuwuchitha nje.
Sibuye sibe nenkinga amaciko asimeme athi asingenelele osizini lwawo kodwa bese kuba khona kuwona futhi athi siyagxambukela.
Kuyavela ukuthi abasunguli nababhali bemidlalo yibona abanenkinga kakhulu abakhala ngomthetho esiwushayayo ukuthi awushayi emhlolweni
MANJE ubona ukuthi kufanele kwenziwe njani uma kunje?
NGIYAFISA ukucacisa ukuthi akulona iqiniso ukuthi uhulumeni uthule ubukela amaciko exhashazwa.
Akukho okunye uhulumeni azokwenza okwedlula lokhu okwenzile, sekusele kuwona amaciko ukuthi akhulume ngezwi elilodwa ukuze izinto zabo zilunge. Uzowusayina kanjani umengameli umthetho uma amaciko ehlukene phakathi.
ABANYE bebekuhlasela bethi sengathi awenzi okwanele ukulungisa izinkinga zamaciko, kukuphatha kanjani lokho?
KUHLALA kuwuKhisimusi kimi, ngiyazazi izinto ezifana nalezi ziyenzeka, nginayo indlela yokubhekana nazo.
Yingakho mina nginake ukukhala kukaVatiswa nganganaka okunye okushiwoyo. Sihlala silindwe ngemikhonto ngabantu abafuna ukusihlasela, asinayo inkinga ngalokho.
Kungizwisa ubuhlungu ukuxhashazwa kwamaciko njengokuthi kusuke ingane emakhaya eShowe ifike ixhashazwe inikwe inkontileka eyibophayo emuva kwalokho uma ifa, iswele ngisho ibhokisi lokuyingcwaba.