LIHLEHLELE uNovemba 27 icala lokungayikhokhi intela elibhekene nosaziwayo wakuleli ophinde abe ngusomabhizinisi uBonang Matheba obevele izolo enkantolo yamacala athinta izikweletu.
UBonang obebukeka ekhululekile, usolwa ngokungayikhokhi intela kusuka ngo-2008 kuya ku-2017.
NgoLwesithathu ubephelezelwa uyise wakhe uGampi Matheba.
Abameli baBonang bacele ukuthi leli cala lihlehle njengoba kukhona izinto abasazilungisa.
Ijaji libe selibanika isikhathi abasicelile, lahlehlisa icala njengoba lithe abameli abahambe bayolungisa konke abazokwethula ngaphambi kwenkantolo.
Ikhuluma nabamaphephandaba ngaphandle kwale nkantolo imenenja kaBonang uDavin Philips ithe ziyathembisa izingxoxo zabo nabaqoqi bentela.
“Siyasebenzinsa neSouth African Revenue Services, kunethimba elimatasa lubheke lolu daba. UBonang ungumuntu owuhloniphayo umthetho futhi siyethemba ukuthi lolu daba luzoxazululwa maduze,” kusho uDavin ecashunywa yiNews24.
Izindaba zokungayikhokhi intela kukaBonang zasabalala okomlilo wequbula ngenyanga ka-Agasti, ngesikhathi iphephandaba lesingisi eliphuma ngeSonto liphuma nalolu daba.
Ngaleso sikhathi imeneja kaBonang, yazichitha lezi zinsongo yathi azilona iqiniso.
Ephuma enkantolo uBonang abezindaba bezama ukukhuluma naye uvele wathi "Impilo imnandi."
Khonamanjalo umlingisi weGenerations: The Legacy uRapulana Seiphemo ngoLwesibili uvumile ukuthi waphula umthetho ngokungayikhokhi intela.
Lo saziwayo odume ngelikaTau Mogale naye wahluleka ukukhokha intela kusuka ngo- 2013 kuya ku-2017.
Abakwa-South African Revenue Services (SARS) bathi uRapulana ukweleta imali engaphezu kuka-R48 000.
Enkantolo ngoLwesibili umshushisi uDuduzile Robertse waveza ukuthi kukhona izingxoxo eziqhubekayo zokuthi umsolwa akhokhe.
Leli cala lihlehlele uNovemba 28.