LIKHULU isasasa kubaculi bakuleli njengoba abahleli bomcimbi omkhulu wezindondo owaziwa ngamaSAMA, bememezele ukuthi isibalo sabangene kulo nyaka siphinde sanyuka.
Kulo nyaka zingu-778 izingoma ezithunyelwe abaculi bakuleli ukuze ziqophisane nezinye emaqoqweni ahlukene aba khona kulo mcimbi.
Ngonyaka odlule zibe ngu-740 kwathi ngo-2016 zaba ngu-470.
Umphathi wakwaRica okuyinkampani ehlela lo mcimbi uNhlanhla Sibisi uthe, nakulonyaka bazimisele ngokuthi baqhubeke ngokuhlunga ngendlela ezojabulisa wonke umuntu.
"Sikhipha lezi zibalo ngoba sifuna abantu babone ukuthi izinombolo zingene kanjani yize thina sisaqhubeka nomsebenzi ngapha. Okusenza sikhiphe lezi zibalo futhi ukuthi abantu asifuni bathuke uma sesimemezela abazobe beqokwe emikhakheni ehlukene," kuchaza uNhlanhla.
Uthe kuyabajabulisa ukubona isibalo sabaculi abangenela lo mcimbi njengoba lokho kuchaza ukuthi konke abakwenzayo kujabulisa abaningi.
"Umsebenzi wethu uyazikhulumela, sibonga asiqedi ngalokhu esikubonayo," kuchaza yena.
Kulo nyaka imikhakha ebhekwa kakhulu okukhona kuyo iBest Music Video kungene izicelo ezingu-127, emkhakheni weBest Collaboration kungene ezingu-100.
Emkhakheni weBest Hip Hop Album kungene izingoma ezingu-26, kuBest Kwaito Album kungene izicelo ezingu-8. Emkhakheni weBest Contemporary Faith Music Album kungene izicelo ezingu-30, kwathi kuBest Maskandi Album kwangena abaculi abangu-16.
Uthe emkhakheni ngamunye kuyobe sekungena izingoma ezinhlanu eziyobe zivotelwe abantu abakhethiwe ukwenza lowo msebenzi.
Usuku lokumemezela abaqokiwe uthe bazolumemezela maduze.