SIVALIWE isikhala esivuleke ngemuva kokushiya isigubhukane kukaBonga Mpanza kwaSABC KwaZulu-Natal.
UMpanza, obengumphathi woKhozi FM kodwa ebambe esokwengamela le nhlangano kulesi sifundazwe, ushiye ngoLwesihlanu.
Okhulumela iSABC, uNeo Momodu, wacashunwa ethi, usule ngemuva kophenyo obeluqhubeka oluveze ubufakazi bokuthi kukhona angakwenzanga ngendlela.
UMpanza yena uthe ushiye ngenxa yesimo abesebenza ngaphansi kwaso nangokubhekelela ukuphepha komndeni wakhe.
UNeo uthe uBusani Mthembu, okuthiwa uphethe izindaba kule nhlangano esifundazweni, nguye ozobamba njengomphathi weSABC.
“USbongi Ngcobo noMpumi Ngidi bazoqhubeka nokubamba njengomphathi siteshi nomphathi wezokukhangisa, ngokwahlukana,” kusho uNeo.
USbongi wabamba ngemuva kokuthi uMpanza ekhushulelwe esikhundleni esiphezulu ngoFebhuwari wonyaka odlule. Wabanjiswa ngemuva kokuthatha umhlalaphansi kowayephethe uZamambo Mkize.
Leli phephandaba lihabule ukuthi ngoMsombuluko izikhulu eziphezulu zeSABC, okubalwa kuzo neChief Operations Officer uChris Maroleng, bezisegatsheni laseThekwini. Kuthiwa zibe nenguyazane noSbongi nomphathi wezinhlelo zoKhozi FM uZandile Tembe.
UMaroleng kuthiwa ukubeke kwacaca ukuthi ukuhamba kukaMpanza akusho ukuthi uphenyo seluphelile.
UNeo ukuqinisekisile ukuthi kunophenyo oluqhubekayo kuKhozi FM.
“Asikwazi ukuphawula ngezindaba ezingakaphothulwa noma sisho ukuthi yibaphi abasebenzi abaphenywayo,” kusho yena.
Khonamanjalo ingenile imiholo yabasebenzi bale nhlangano ngemuva kobuhixihixi.
UNeo uthe inkinga ibingekho kubona kodwa ibe sebhange.
“Ibhange ligcine liyilungisile inkinga akade ikhona imiholo yagcina iphumile. SinguSABC sithanda ukubonga kubasebenzi ngokubekezela kwabo nokusixhasa kulesi sikhathi. Siyaxolisa kakhulu uma kukhona okubi okwenzakele okudalwe ilesi siphazamiso njengoba bekusalungiswa izinkinga.”