KONKE sekumi ngomumo ngesiteshi esisha somsakazo inhloso yaso okungukusiza intsha yaKwaZulu-Natal ngolwazi oluhlukene ezoluncela ezinhlelweni ezihlukene.
Isiteshi somphakathi i-UYFM, izozinza eRichards Bay.
Abaphathi balo msakazo sebekuqinisekisile ukuthi konke sekumi ngomumo njengoba abasakazi bezoqala ukuzwakala emoyeni ngoMsombuluko ozayo.
Okwamanje uma uvula sitholakala ku-105.0 FM kuzwakala izingoma ezihlukene.
Ophethe ethimbeni lezokukhangisa nezokuxhumana kulesi siteshi, uSduduzo Ngobese uthe, intsha engaphansi koMasipala, i-King Cetshwayo District iyona ezozuza kakhulu kulo msakazo.
“Lo msakazo uthole ilayisense yokusakaza ngo-2014 wabe usulinda izinhlelo zezimali nenhlangayo ethuthukisa ezemisakazo yomphakathi, i-Media Development Diversity Agency (MDDA). Ngemuva kwalokho abaphathi balo msakazo banqume usuku lokungena emoyeni emuva kokuthi inhlangano esabalalisa amagagasi omoya, i-SENTECH seyenze konke, yaqinisekisa ukuthi konke kuhamba kahle,” kusho uSduduzo.
Uthe kubona lesi isikhathi esihle sokungena kwalo msakazo emoyeni kwazise wonke umuntu ubheke emaholidini kakhisimuzi aqukethe ubumnandi bodwa.
“Kulesi siteshi intsha inethuba lokukhuluma ngezinto ezithinta yona. Ukungena kwe-UYFM emoyeni kuwukufezeka kwephupho leminyaka ebelidinga ukubekezela nesibindi. Siyabonga kubaphathi nasethimbeni labasakazi njengoba wonke umuntu ekhombisa ukuzimisela. Ngeke siwushiye ngaphandle nomphakathi obulokhu useseka yonke le minyaka sisazama ukuqala lesi siteshi.
Uthe njengesiteshi sebekwenze konke ukulungiselela usuku njengoba sebeqeqeshiwe abasakazi baphinde bazisa izinhlaka ezifanele emphakathini.
“Umphakathi kumele ulindele into entsha futhi nengakaze izwakale kwezinye eziteshi zomphakathi. Ngikusho lokhu ngoba singabokuqala ukuba umsakazo wentsha nosakaza ngezilimi ezimbili. Sizosakaza amahora angu-24 ngesiNgisi esiwu 60% nesiZulu esiwu 40%,” kuchaza yena.
Uthe ukuzinza kwabo e-Richards Bay kuza namathuba amaningi kwazise kunezimboni kanti futhi indawo ethuthuka ngesivinini.
“Asingabazi ukuthi lo msakazo uzoba ngeminye yomphakathi ehlonishwayo ngegalelo lokukhiqiza abasakazi abasezingeni eliphezulu,” kuchaza yena.