ISIBALO sabalaleli boKhozi FM sinyuke sadlula ku-7.6 million ngokwezibalo zeBroadcast Research Council of South Africa (BRC) ezikhishwe kuleli sonto.
Izibalo ngezaphakathi kuka-Okthoba wonyaka odlule noMashi wanonyaka.
Kuvela ukuthi Ukhozi selunabalaleli abangu-7 670 000 lusuka ku-7 518 000. Phambilini lo msakazo, ogubha iminyaka engu-59 wasungulwa kusasa, uke waba nabalaleli abangu-7.7 million kodwa wabuye wehla.
IMetro FM nayo inyukile. Kuthiwa isinabalaleli abangu-4 372 000 isuka ku-4 176 000.
Izibalo zeGagasi zona zehlile. Zisuke ku-1 535 000 zaya ku-1 394 000.
Ezinye iziteshi ezehlelwe ngabalaleli yi-East Coast Radio esinabangu-1 023 000 isuka ku-1 052 000 neVuma FM esinabangu-175 000 ekubeni bebengu-189 000.
Iziteshi zomphakathi ziholwa yiJozi FM enabalaleli abangu-595 000.
KwaZulu-Natal Izwi Lomzansi lisaqhubeka nokuba nesibalo esikhulu futhi abalaleli benyuke ngo-13 000. Phambilini bebengu-142 000 manje sebengu-155 000.
Isiteshi esisakazela eZululand, i-Icora FM sehlelwe yisibalo. Abalaleli basuke ku-126 000 baya ku-101 000.
Lezi zibalo azizifaki izinguquko zakamuva ezenziwe yimisakazo ikakhulukazi engaphansi kweSABC, eziqale ukuzwakale emoyeni kusuka ngo-Ephreli.