ABALALELI abaqavile boKhozi FM bazwakalise ukuthi uma kunezinguquko kubasakazi bangajabula uma baziswa ngazo.
Baphawule kanje ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi kumiswe uBheka “Beekay” Mchunu noNgizwe Mchunu.
Izolo leli phephandaba libike nangokumiswa kukaSandile Mdlalose ongumdidiyeli wezinhlelo iSithakela Isizwe, S’giya Ngengoma anokuzwakala ekhuluma kuyo neZingazose Zabuna.
UKholwa Zuma owagixabezwa ngesheke likaR58 000 ngokuba wumlaleli oqavile woKhozi ngoJulayi, uthe sibaphatha kabi isimo somsakazo abawuthandayo.
“Siyalimala yize singazazi izinselelo ababhekana nazo. Njalo uma kunezinguquko abakhulumi nathi njengabalaleli. Abaphathi abazame ukukhuluma ngezinto bangasheshi bafike ezinqumeni bengakezwa ukuthi sithini njengabalaleli ngoba izinguquko zigcina zithinta thina,” kusho uKholwa.
“Bona bayahola, thina siyalalela, siphila ngawo umsakazo. Uma uzwa ngenkinga yomunye umuntu oshaya ucingo nokuthi wasizakala kanjani uyalapheka.”
UMandla Zulu uBoyfriend naye uthe kubuhlungu okwenzekayo.
“Uma kodwa kukhona abaphathi abakusolayo kubalulekile ukuthi bamiswe. Njengomlaleli ohamba phambili angiphathekile kahle. Umphathi kumele acabangisise kahle angezwa ngenzwabethi kodwa akabe nento ephathekayo.”
Uthe bonke abasakazi banendima abayidlalayo emsakazweni ngakho kungaba kuhle uma betshelwa ngokwenzekayo.
“Asifuni ukulahlekelwa ngabalaleli. Ukungatshelwa akusiphathi kahle njengabalaleli.”
Omunye umlaleli, uScorpion Ximba, unxuse ukuthi abaphathi “basicabange uma benza izinguquko hhayi ukuthi njengabalaleli sizwe ngamahemuhemu”.
“Uma umsakazi exoshiwe noma emisiwe asaziswa. Kuhamba uLinda Sibiya asitshelwanga. Asitshelwe ukuthi umsakazi othile asisenaye. Impilo yethu siyayidela ngoKhozi. Ababuyiswe abamisiwe noma basitshele ukuthi bamiselweni.”
Umphathi-siteshi obambile, uSbongi Ngcobo, unqabile ukuphawula.
Okhulumela iSABC, uNeo Momodu, izolo ntambama uthe usemhlanganweni. Ucele ukuthunyelelwa i-email okushaye isikhathi sokushicilela engakayiphenduli.