ISIHLABANI somculo kamaskandi sithi sesidla imbuya ngothi ngemuva kokudliwa kwamandla aso yinkampani ebesiqopha kuyo.
UMroza Fakude, wodumo lwengoma esihloko sithi Elamanqamu Namhlanje (Siyobulal’uVan Damme) usola iMabala Noise ngokumxhaphaza maqede yamlaxaza engasenalutho.
“Bengilokhu ngithule kodwa akusangisizi ngalutho ukuthula ekubeni ngihlupheka.”
UMroza (osesithombeni)uthe yinqwaba yabantu ethi uma imbona izitshele ukuthi unetshe lemali ngemuva kokuba ingoma yakhe yahlukanisa unyaka.
“Abazi ukuthi angisenalutho. Abazi ukuthi ngagcina ngoR250 000 nemoto kuphela. Imali yama-downloads, eyama-caller tunes, eyokudayiswa kweCD yami kaVan Damme nethi Kuyopholela Ethunjini neyama-royalties (okuyimali oyithola kwaSamro ngokudlalwa kwengoma yakho emsakazweni) angikaze ngiyithole. Ngikhuluma nje nezindondo engaklonyeliswa ngazo ngokungena kwiTop 10 nokuphuma phambili angikaze ngazithola. Ngagcina kuphela ngokushutha nazo.”
Uthe usezame kaningi ukuxhumana nezikhulu ebezimphethe kwiMabala Noise kodwa zonke zithi azisahlanganise lutho nale nkampani. “Zithi angithinte uReggie Nkabinde. Uma ngimthinta uReggie akasazibambi izingcingo zami futhi usengibhlokhile. Angisazi ukuthi ngenzenjani.”
Nemibiko yokuthi ngiyagula yangilimaza kakhulu njengoba kusenabahleli bemicimbi abangasangiqashi ngoba bethi ngisagula. UMroza ukhuluma ngemibiko eyake yasabalala nezwe lonke yokuthi usephambane ikhanda. Akayiphikisi kodwa uthi useluleme ngokugcwele.
“Kuhluleka ngisho ngibachazela ukuthi sengiwumqemane kodwa abanginaki. Kufanele ngabe ngise-studio ngiqopha iCD elandelayo kodwa nginenkinga ngenxa yokuthi angazi kwenzekani. Sengifuna abantu abazongisiza ukuze ngiqhubeke nekhono lami futhi ngikwazi ukondla umndeni wami,” kusho uMroza obezwakala ukuthi ukhathazekile.
Uthe usefisa ngabe akawuwinanga umklomelo wengoma yonyaka ngoba wambizela izinkinga. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engatholakali uNkabinde, kuhluleke ngisho ethunyelwa imiyalezo.