UTHAMI Mngqolo, owazakhela igama elingisa emdlalweni iGenerations neGazi, nesinqandamathe sakhe uJo-Anne Reyneke bagcine bekuqinisekisile ukuthi kuphelile ngothando lwabo lweminyaka, njengoba base bethembisane nomshado.
Laba bobabili ngoMgqibelo ntambama bakhiphe isitatimende kwabezindaba beqinisekisa ukuphela kothando lwabo lweminyaka.
UJo-Anne uzakhele udumo ngokulingisa emidlalweni ehlukene kuleli, esiteshini sakwa-e.tv, okukhona kuyo iBroken Vow neRhythm City.
Esitatimendeni abasikhiphile laba bathe lesi sinqumo bahlale phansi basixoxa njengoba iningi beselazi ukuthi kuphelile ngothando lwabo.
“Sihlangabezane nezingqinamba ezahlukene sisathandana futhi saba nezikhathi ezimnandi. Sibusiswe ngezingane ezimbili sisendawonye futhi njengoba sithathe lesi sinqumo sizoqhubeka nokuthi sizikhulise ngokuhlanganyela,” kusho laba bobabili.
Bathe bangabantu abangathandi ukukhuluma ngezinto zabo ezithinta uthando kodwa babone ukuthi bakhulume ngalolu daba.
UJo-Anne Reyneke obesethandane iminyaka emibili noThami futhi banezingane ezimbili. Isithombe: INSTAGRAM
“Sizama ukuthi kungakhulunywa izinto eziningi ezinye ezingagcina zingamanga. Yingakho sikhethe ukukhuluma ngalolu daba ukuze abantu bazi ukuthi kwenzakalani. Sifuna ukuqhubeka nempilo kungabi bikho zihibe futhi sihlale sisondelene kungabi bikho ukuxabana phakathi kwethu,” kuchaza bona.
Bathe konke lokhu okwenzeka kubo manje akulula futhi kuphathe kabi ngisho izingane zabo.
“Siyacela nisinike isikhathi sokuthi siqhubeke nempilo ngaphandle kokuhlala sikhuluma ngalolu daba. Akukho esisazokukhuluma okuthinta lona, lokhu yikhona kuphawula kwethu,” kuqhuba laba.
Iphephandaba eliphuma ngeSonto liveze ukuthi laba ukuhlukana kwabo kungenxa yokuthi uJo-Anne uyena osengenisa imali njengoba uThami kungamhambeli kahle endimeni yokulingisa.