ISITESHI sethelevishini uMzansi Magic sisohlelweni lokuqopha ifilimu ngempilo yamalungu amane eqembu iBoom Shaka.
Lezi zindaba ziqinisekiswe yimithombo engaphakathi kulesi siteshi. Iveze ukuthi lesi siteshi sifuna ukwenza ifilimu ngempilo ngoLebo Mathosa, Thembi Seete, Junior Sokhela noTheo Nhlengethwa.
“Anginasiqiniseko sokuthi sekuhanjwe ibanga elingakanani nezinhlelo zaleli filimu kodwa siphezu kwayo,” kusho umthombo wokuqala.
Uqhube wathi akukacaci ukuthi izodlala kusiphi isiteshi phakathi kulezi ezikhona kodwa kuhloswe ukuthi ikwazi ukuthi ibukwe yizinkumbi zabantu ngoba leli qembu kwakungelabantu.
Omunye wabasunguli beBoom Shaka uDon Laka uthe sebeke bamthinta abazokhiqiza lo mdlalo kodwa usalucabangisisa.
“Bangithintile ngalolu daba kodwa kwasho ukuthi angikho ekhaya ngisaseSwazini. Ngizobuya ngoMsombuluko (kusasa) ngibonane nabo silubhunge kahle,” kusho uDon.
Uthe kuyamjabulisa ukuzwa ngefilimu ezoqhakambisa umlando waleli qembu elashisa izikhotha ngeminyaka
yo-1990.
INhloko yeziNhlelo ezivutshelwe kuleli kwiMzansi Magic
uPhilly Kubheka uthe okwamanje akukho mkhiqizo walolu hlobo ogunyazwe ukuba wenziwe kulesi siteshi.
IBoom Shaka okuzoqoshwa ifilimu ngayo
Yize ephawula
kanje uKubheka kodwa umthombo waleli phephandaba uthe aboMzansi Magic bamatasa bakhuluma nabathintekayo ngoba bafuna ukulusingatha ngobunono lolu daba.
Uqhube wathi akuzoba yiBoom Shaka okuzokwenziwa ifilimu ngayo.
“Akhona namanye amaciko adumile okuzokwenziwa amafilimu ngawo kodwa uhla lwamagama lusahlelwa kahle,” kusho umthombo.
IBoom Shaka yazakhela udumo ngezingoma okubalwa kuzoba i-It’s About Time, Free, Thobela, Ibuhlungu nezinye.
Izingoma zayo ezazidla ubhedu zazihambisana nemidanso eyayishukumisa igazi.