UMCULI uDumi Mkokstad ungomunye wabaculi abazonandisa emicimbini ehlukene ngempelasonto Isithombe: SIBONELO NGCOBO
ABAHLELI bemicimbi ezoba ngempelasonto KwaZulu-Natal bathi amalungiselelo abo ahamba kahle.

UPastor Mjosty, ohlela Uvukile Gospel Festival ozoba soGu Sports & Leisure Centre, ePort Shepstone, ngeSonto uveze ukuthi amathikithi ezicukuthwane asedayise aphela.

“Sekusele lawa kaR140 nawo esikholwa ukuthi kuyoshaya uMgqibelo engasekho.”

Uthe uBabo Ngcobo uzocula ihora lonke. Abanye abazonandisa ngoDJ Mario, Kotin noNkoh abazodlala umculo wokholo, Andile KaMajola nabanye.

Okhulumela abahleli beKufeziwe Gospel Celebration ezoba seMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay ngosuku olufanayo, uXivoom Zungu, uthe umcimbi uzoqala ngo-2 emini kuze kuse.

Uthe uHlengiwe Mhlaba uzocula ihora. Abanye abazonandisa nguKhaya Mthethwa, Abathandwa, Malusi Mbokazi nabanye. Amathikithi atholakala eComputicket ngoR150, aweVIP abe nguR500.

UThula Mhlophe ongomunye wabahleli beKunqotshiwe Gospel Celebration ezoba seHenley Dam, eMgungundlovu, ngeSonto uthe sebelindele izethameli.

“Wumcimbi wethu wokuqala lona. Sibone ukuthi abantu baseMsunduzi namaphethelo akumele bashayele amabanga amade befuna indumiso,” kusho uMhlophe.

Uthe amasango azovulwa ngo-1 emini. Umcimbi uzodonsa kuze kube wu-6 ngakusasa.

“Abantu bazongena mahhala ngaphambi kuka-5 bese bekhokha uR50 ngemuva kwalokho. Bangaphatha ama-camp chairs, ama-coolerbox angenalo uphuzo oludakayo nama-braai stand.”

Kuzobe kunandisa abaculi abehlukene.

Emicimbini yobumnandi ngeSonto KwaMashu Fan Park kuhlelwe iKwaMashu Easter Sunday Picnic. Kuzonandisa uSPHEctacula noDJ Naves, Sparks Bantwana, Feel, Boonu, Meech nabanye abaningi.

Amathikithi atholakala eComputicket ngoR160.

EMojos Shisanyama & Car Wash, eChesterville, ngeSonto kuneSunday Rendezvous. Kuboshelwe uDJ Fresh, Glen Lewis, Nzwiri, nabanye.

Umcimbi iDurban Day Picnic uyabuya ePeople’s Park, eMoses Mabhida Stadium. Kuzobe kukhona uCassper Nyovest, Sjava, Shekhinah, Prince Kaybee, Tellaman, Khuzani nabanye.

Amathikithi aqala kuR200 eTicketpro.