USEPHUMELE obala ngokungazwani kwakhe neGcokama Elisha uMjikijelwa othe akazi ukuthi babangani nalo mculi abebengamathe nolimu naye 
Isithombe: SIGCINIWE
USEPHUMELE obala ngokungazwani kwakhe neGcokama Elisha uMjikijelwa othe akazi ukuthi babangani nalo mculi abebengamathe nolimu naye 
Isithombe: SIGCINIWE
LITHE ayikho into elingayibanga noMjikijelwa Igcokama Elisha ngoba seliyinkosi yomaskandi alikho ezingeni lakhe ukuthi kukhona abangakubanga njengoba kuthiwa abasabhekani
 Isithombe: INSTAGRAM / IGCOKAMA ELISHA
LITHE ayikho into elingayibanga noMjikijelwa Igcokama Elisha ngoba seliyinkosi yomaskandi alikho ezingeni lakhe ukuthi kukhona abangakubanga njengoba kuthiwa abasabhekani
 Isithombe: INSTAGRAM / IGCOKAMA ELISHA

SEBEYINKUKHU nempaka abaculi bakamaskandi abebengamathe nolimi, Igcokama Elisha noMjikijelwa.

Igcokama kuthiwa ligxibha uMjikijelwa engomeni yize beseqenjini elilodwa, Ondabuzekwayo.

Kunamahlebezi okuthi laba baculi babanga ukuhlebana.

Umthombo waleli phephandaba uveze ukuthi ingxabano isuswe ukuthi uMjikijelwa akalesekanga Igcokama Elisha ngesikhathi liboshelwe ukushaya intatheli. Kunalokho kuthiwa wayelihleba ehlekisa ngalo kanti lokho kuzofika kwiGcokama Elisha.

Ukungazwani kwabo sekuze kwakapakela nakubalandeli njengoba abakaMjikijelwa benomkhankaso wokuthi lo mculi angayi emcimbini weGcokama ozoba ngo-Ephreli 21, e-Ellis Park Arena, eGoli.

Kumanje kuthiwa kunengoma yeGcokama Elisha egadla kuMjikijelwa esebenzisa imbongi uMphako Mkhwanazi ekwi-albhamu ezophuma ngePhasika.

UMjikijelwa uthe impela akusahambi kahle phakathi kwakhe neGcokama kodwa akazi ukuthi babangani.

Uthe usetsheliwe nangengoma yeGcokama egadla kuyena kodwa ubengakayizwa.

USEPHUMELE obala ngokungazwani kwakhe neGcokama Elisha uMjikijelwa othe akazi ukuthi babangani nalo mculi abebengamathe nolimu naye 
Isithombe: SIGCINIWE

“Uma kungukuthi uyagadla kuzobe kungaqali useke wakwenza lokho kwezinye izingoma zakhe zangonyaka odlule. Ngisathuli ngiyabuka nje. Okushiwo ngabalandeli ukuthi ngingayi emcimbini weGcokama angihambisani nakho.

“Kumele bazi ukuthi ngiqashiwe kuloya mcimbi ngeke ngingayi kocula kuwona. Abangakwenza ukuthi bafike bezobuka mina ngicula bese beyahamba uma sengiqedile,” kusho uMjikijelwa.

IGcokama Elisha lithe ayikho into elingayibanga noMjikijelwa ngoba akekho ezingeni lalo.

“Ayikho into angayibanga nami uMjikijelwa. Mina sengiyinkosi yomaskandi. Njengoba ngizoba nomcimbi wami, Indlabeyiphika Maskandi Festival, ngibaqashe bonke abaculi bakamaskandi ukuthi bazonandisa kuwona.

“UMjikijelwa ungomunye wabaculi engibaqashile. Lokho kusho ukuthi ngiyinkosi yabo bazobe bezongotha ngalolu suku,” kusho Igcokama Elisha.

Lithe baningi nabanye abaculi bakamaskandi abakholelwa kuyena njengoba bempikile ezingomeni zabo ezintsha.

Ngokwengoma okuthiwa ugadla ngayo kuMjikijelwa esebenzisa uMphako, uthe akakaqedi ukuyiqopha futhi akukho lapho egadla khona kuMjikijelwa kuyona.

“UMphako ubengakazifaki izibongo zakhe kuyona. Angazi uzofike athini uma esezifaka. Noma ngabe uthini ngeke ngimvimbe ngoba uzobe esho okusuka kuyena njengembongi. Imbongi ayikaze itshelwe ukuthi kumele ibongele ithini,” kuqhuba Igcokama Elisha.

Igcokama lithe isihloko sengoma elizosebenzisa kuyona uMphako sithi: Amalungelo eNkosi. Lithe alikazosisho isihloko se-albhamu ngoba sinzima kakhulu.

Lithe nangosuku lomcimbi abazofika kuqala kuwona abangu-1 000 bazothola ikhophi yale albhamu yalo entsha mahhala. Kuzobe kungenwa ngo-R100 esangweni.

Lithe libophele bonke abaculi bakamaskandi abayizintandokazi kumaskandi njengoSaziwayo, Jaiva Zimnike, Amageza Amahle, Dlubheke, Ngiga, Mjikijelwa nabanye.