UMODELKAZI usengene emculweni wamapiano
Image: SITHUNYELWE
OBENGUMSAKAZI ezinhlelweni zikamaskandi kwiMvula FM neSiyathuthuka FM, uNqobile "Modelkazi" Dlamini, ubuya ngolunye unyawo emculweni.
UModelkazi (27), osezakhele udumo njengomphathi wohlelo emicimbini kamaskandi nokuba yi-social media influencer, uvumbuke kulokhu esengumculi wamapiano. Le ntokazi yaseDumbe, ePaupietersburg ike yavelela eminyakeni eyedlule njengoDJ we-Afro house, obedume ngengoma esihloko sithi Inhlonipho.
Kusasa uModelkazi uzokhipha icwecwe eliyi-EP enezingoma ezimbili ehlanganise amapiano ne-Afro house.
"Isizathu sokuthi ngibuye emculweni yingcindezi ebengiyifakwa ngabantu ebebengilandela ngisewuDJ. Bebelokhu bengibuza ezinkundleni zokuxhumana noma uma behlangana nami enxanxatheleni yezitolo ukuthi ngiyikhipha nini enye ingoma. Bengilokhu ngithi iyeza kodwa ngisematasatasa emicimbini kamaskandi. Yingakho kuthe uma ngithola ithuba ngathi angingene e-studio ngibenzele la manoni. Kulokhu ngithe angibakhombise elinye ikhono lami ebebengalazi, lokucula."
Uthe ubone sekufanele aliveze ikhono lokucula emphakathini usekhule ngokwanele emkhakheni wezokungcebeleka kanti negama likaModelkazi selisematheni emabhinceni.
"Ngiyacabanga ukuthi igama sengilakhe ngokwanele manje novalo angisenalo. Ngizimisele nokubhekana nanoma ngabe yini esendleleni yami."
Uthe ingoma yokuqala anethemba lokuthi izochaza abantu abaningi ngeyothando ethi Buya.
"Ingoma ezothinta wonke umuntu ohlukene nomuntu wakhe ngenxa yezimo ezithile zempilo. Ehambe ethi uzobuya wagcina ehambe ijuba likaNowa."
Uthe eyesibili iwumthandazo wakhe anxusa ngawo uNkulunkulu ukuba amgcinele izitha zakhe ukuze zibone uma esendlala itafula phambi kwazo.
"Ngithi kwizimfamona zizodela ngoba mina ngihamba nedlozi noNkulunkulu. Kafushane ngingasho ukuthi ingoma echaza ngohambo lwami ngoba akekho owayethe kuzoba lula kodwa konke engikwenzayo ngikwenza ngenxa kaNkulunkulu nedlozi lami."
UModelakazi usebenze kuleli cwecwe noDJ Fuze, okuyinsizwa esencane enekhono elimangalisayo futhi nayo okulindeleke ukuba ikhiphe i-EP yayo kungekudala.
Leli ciko limatasatasa ngendlela eyisimanga njengoba nasemkhakheni wokuba yi-Social Media Influencer lingazibekile phansi. Nyakenye laliqokwe kumaSouth African Traditional Music Achievement (Satma) Awards nakumaSebenza Women Awards. Kulezi zinsuku liyehla liyenyuka likhangisa ngengqephu ye-label engaconsi phansi iKonkhe.
Ngaphandle kokusakaza eziteshini zomphakathi, uModelkazi useke wathola ingqayizivele yethuba lokusakaza neqhawekazi lakhe, uZimdollar Biyela, kuKhozi FM emuva kokuhlabana emncintiswaneni wokulingisa umsakazi woKhozi.
Ubuye waqokwa kwiWinnie Mahlangu Next Female Presenter Search futhi nakumaSatma Awards emunxeni iBest Community Radio Presenter. Nakwithelevishini ayaziwa amagalelo akhe njengoba eke wavela emdlalweni iSmoke and Mirrors kwi-e.tv futhi wabamba iqhaza ohlelweni lomculo wesintu iYash' Ingoma kuMzansi Magic Music, esebenza noTshatha, Ntombi Mzolo noZimdollar.
UModelakazi uzalelwe eWitbank, eMpumalanga kodwa wakhulela eKZN. Ufunde eDuvha Primary, eMpumalanga kodwa waphothula uGrade 12, eMuziwesizwe High, ePaulpietersburg. Esafunda ubehlale elingisa emidlalweni yeshashalazi.
UMODELKAZI usengumculi wamapiano
Image: SITHUNYELWE
Related Topics: