ISILOMO somlingisi woZalo kwiSABC1, uThandeka Dawn King sesingumsakazi weVuma 103 ngokusemthethweni.
UThandeka odlala enguMaNgcobo kuZalo uzojoyina uMakhosi Khoza kwi #GoodToGo Breakfast engena ngo-6 kuya ku-9 ekuseni phakathi nesonto.
Umenyezelwe esithangamini sabezindaba emahhovisi alesi siteshi eMhlanga ngoLwesihlanu ekuseni.
Emasontweni edlule uThandeka ubekade elokhu ezwakala emoyeni amasonto ambalwa kwaze kwaba uqashwa ngesonto elidlule.
Omunye omenyezelwe uLekoMotion Ngcobo obengumsakazi weGagasi FM. Uzoshayela iThe Drive with LekoMotion & Nomfundo engena ngo-3 kuya ku-6 phakathi nesonto.
ULekoMotion obekade ekwiGagasi FM, uvale isikhala sikaTP oshiyile kulo msakazo.
Umqondisi Jikelele weVuma 103 FM, uPearl Sokhulu uthe okwenze bathatha uThandeka ukuthi abe ngomunye wabasakazi kulesi siteshi yindlela amukelwe ngayo ngabantu ngesikhathi evakashele esiteshini.
“Ngaphandle kokuthi ungusaziwayo wethelevishini, siphinde sabona olunye uhlangothi lwakhe lokuba nekhono lokuxhumana nabalaleli nokuthi bamthandile abantu ngesikhathi esemsakazweni. Uyakwazi ukujabulisa abantu okuyikhono esiliqaphele ngaye. Ngesikhathi simazisa ukuthi sidinga ukuthi azoba ngomunye wabasakazi ohlelweni lwasekuseni, akakholwanga ubezitshela ukuthi siyadlala, kodwa wasemukela isicelo sethu,” kusho uPearl.
Uqhube wathi, bathathe noLekoMotion ngoba ekufanele ukuthi angasakazela uhlobo lwabalaleli babo.
UPearl uphinde waveza ukuthi isibalo sabalaleli beVuma 103 FM sinyukile sisuka ku-44 000 saya ku-175 000. Uthe abakungabazi ukuthi kuzophela unyaka isibalo sabalaleli sesingu-500 000. Uthe abalaleli balesi siteshi bazophinde bathole ithuba lokubona abasakazi abasha nabanye abadala abakhona kulesi siteshi kwikhonsathi yaso iVuma 103 Family Day Concert ezoba sePeople’s Park, eMoses Mabhida Stadium ngoJuni 16. Kule khonsathi kuzobe kunandisa abaculi bokholo oDr Thumi, Khaya Mthetwa, Dumi Mkokstad, Karabo owawina kuma-Idols SA nabanye.