UMLINGISI osanda kujoyina Uzalo, u-Asavela Mqokiyana, ugonyuluke ngokuzifela ngobhiya iCastle Lager noma iBlack Label.
U-Asavela (29), oselingisa indawo yomhlengikazi uSizakele, uveze lokhu ngesikhathi ezikhiphe noLasizwe Dambuza kwiYouTube Channel, i-Awkward Date ngoLwesine. Uthe uqale ukuzithandela ubhiya ngesikhathi esakhula emakhaya eMount Frere, e-Eastern Cape.
"Bekuphuzwa ubhiya nomqombothi uma kunemicimbi. Bekunalokho kubuntshontsha, bengingeke ngintshontshe iBrutal Fruit. Ngakho ngikhulele kubo utshwala, ngagcina sengijwayele. Ngibe nenhlanhla yokuthi obengumyeni wami...Hahaha kodwa bengishadile."
Uthe ubhiya akawuphuzi ngengilazi noma nge-straw kodwa ubudlonya ngokuphakamisa ibhodlela njengoba kwenzeka emakhaya. U-Asavela uhlukanise nomyeni uVuyisa Mqokiyana ngoSepthemba nyakenye. Igoda ligqabuke kulezi zithandani sezibusiswe ngomntwana ezimthole ngo-2023. Le ntokazi yakwaMngqithi njengoba iyindodakazi yomqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uManqoba Mngqithi, yafika emzini yaqanjwa igama likaKwande ngokwesiko lakwaXhosa. U-Asavela wenza iziqu ze-camera ne-editing e-Afda kodwa washiya phansi esenza unyaka wesithathu. Ngo-2018 wajoyina Isibaya emguNtwenhle Ndlovu, wadlulela ekubeni u-Amogelang kwi-Abomama ngo-2021 no-Amahle kwiDurban Gen ngo-2023.