UMLINGISI womdlalo onezinkumbi zabalandeli Uzalo, uSimphiwe Majozi, uthi kube lukhuni satshe ukudlala indawo yomfana omncane othandana nomama omdala owaziwa ngoBen 10 ngenxa yemali. Lo mlingisi odabuka eMthwalume, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal, odlala indawo kaSbu kulo mdlalo, uthi nakuba eseyejwayele le ndawo kodwa usebenze kanzima.
“Ngike ngathi ukudonsa kanzima ngesikhathi isaqala le ndawo ngoba bekufanele ngiqabule umuntu olingana nomzali wami. Kwakufanele ngizikhumbuze ukuthi ngingumlingisi ngisemsebenzini kufanele ngiyenze le nto,’’ kuchaza uSimphiwe.
Lo mlingisi udlala le ndawo noNtombifuthi Dlamini odlala indawo yomfelokazi uNkk Madlala ophunyelwe yifa likaR10 million nokwenze uSbu athi ne kuyena ukuze amchuthe. Leli qhinga uSbu ulihlanganise nentombi yakhe ethanda izinto ezibizayo nemali.
Lo mlingisi uthi uthwale kanzima elingisa le ndawo aphinde abhekane nenkinga esechazela abantu asondelene nabo ngayo. Uthe bakhona abambuza ukuthi kodwa umshaya kanjani ngesinqandi umama omdala kunaye.
“Ngichaza nsuku zonke, sekuze kwaba yivesi lemihla ngemihla ngoba nasekhaya bafike bakhuze bababaze into abangibone ngiyenza emdlalweni. Udadewethu nje wayengibuza ukuthi kunjani ukuqabula umuntu omdala,’’ kusho lo mlingisi ephela yinsini.
Uthe ngaphandle kokulingisa useqale ukusebenza njengomqondisi wemidlalo ukuze abe nenye into ayenzayo angathembeli entweni eyodwa.
“Uma ulingisa kuke kuphele nezinyanga ezintathu ungabizwanga ndawo bese uyalamba. Kuba ngcono uma kukhona okunye oqhubeka nakho eceleni ukuze uphile, nami ngizama lokho.’’