UTHOBILE ’MaKhumalo’ Mseleku usolwa ngokuqola imali yamakhandlela
Image: SIGCINIWE
OWESIFAZANE waseNkandla, uNksz Thandeka Majozi, uvulele usaziwayo wodumo kuThando Nesithembu nakwiReal Housewives of Durban, uThobile MaKhumalo Mseleku, icala lokumqola u-R12 400.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aseCator Manor, aphenya icala lokuqola emuva kokuba owesifazane oneminyaka ewu-36 ebike ukuthi uqolwe isamba esingadalulwanga ngumsolwa amaziyo.
"Udaba lusaphenywa," kuphetha uColonel Netshiunda.
Echaza udaba lwakhe uNksz Majozi (36) uthe wahlangana noMakhumalo eMgungundlovu ethi eyolungisa udaba lwezimali zikababa wakhe osanda kudlula emhlabeni.
"UMaKhumalo wathi angakwazi ukungisiza ngemali ngoba unebhizinisi lokuhweba. Sabe sesihlela ukuhlangana noMaKhumalo eGateway, eThekwini ngomhla ka-12 Ephreli ukuze angichazele kabanzi ngebhizinisi. Kuloyo mhlangano uMakhumalo wangicela imali engango-R3000 engithembisa ukuthi uzongibuyisela yona ngakusasa isinenzuzo."
UNksz Majozi uthe le mali, ayicaphuna kweyayizothenga imbuzi yokususa inzilo yokushonelwa nguyise, wayifaka ku-Capitec ngaphansi kwegama likaSteven Nkosi. Uthe waphinda wathumelela uMaKhumalo imali engango-R7500.
"Isamba semali esiyinzuzo engakhonjiswa sona sasifike ku-R356 000. Uma sengimbuza ngemali yami wathi angithumele enye imali ukuze lekhona ikwazi ukuphuma. Ngabe sengicela udadewethu nomfundisi wasesontweni ukuthi bangithumele imali. Bangithumelela imali engango-R6400,ngokwehlukana."
UNksz Majozi uthe, uthe esebona ukuthi khona okushaya amanzi wafona futhi wacela izimali zakhe, uMaKhumalo wathi izimali zakhe zizokhishwa uma esethumele enye imali engango-R1000. Umgilwa uthe wasithatha lapho isinqumo sokubikela imithombo yezindaba. Ethintwa uMaKhumalo uphike walala ngomhlane ukuthi uyazana noNksz Majozi futhi akazi lutho ngalolu daba.
"Anginalo ulwazi ngalolu daba, futhi kade ngangikhuza abantu ngamaqola asebenzisa amagama ethu kanye nodumo lwethu ukuze baqole abantu. Anginalo ibhizinisi lokuhweba," kusho uMaKhumalo.