UKUHLALA iminyaka engaphezulu kuka-17 elingisa emdlwalweni owodwa, kumenze wazuza okuningi.
Usefuna ukuthi amava akhe angaweli phansi, kodwa afukule nabanye abalingisi.
UMaumela Mahuwa (39) onguSusan kuMuvhango, uthi akafuni kube yinganekwane ukuthi wake waba ngumlingisi owaziwayo kodwa engazange asize muntu ngolwazi aseluzuzile.
Usho kanje kulandela ukuthi evule isikole sezobuciko eGoli i-African Academy of Cinematic Arts.
Le ntokazi ephinde ibe wumfundisi, ithi yafikelwa yilo mbono eminyakeni emithathu edlule.
“Intsha eningi inamakhono, idinga abantu abanolwazi ezoncela kubo.
“Kumele ube nothando lwento ukuze iphumelele, intsha eningi noma inawo amakhono kodwa inovalo idinga umuntu ozoba seduze nayo owenza umsebenzi ofanayo.
“Yingakho isikhathi sami esiningi bese ngisichitha ngesikole ngamisa izinto eziningi ebengizenza eceleni.
“Ngenyanga ezayo sizobe sibathwesa iziqu zabo abafundi esiqale nabo. Isikole sithatha abafundi abawu-250 bese kuba-R37 000 unyaka, imifundaze besingakabi nayo ngoba siyazenzela konke
okudinga imali njengoba singenabo abaxhasi,” kusho lo mlingisi.
Eqhuba uthe sebekwazi nokuvula amathuba emsebenzi kubantu abaningi njengoba enothisha abangu-11 abafundisa ngokwenziwa kwamafilimu nokunye okuphathelene nokuqoshwa kwamafilimu.
Njengoba ewumfundisi, uthi kodwa akajahile ukuba nebandla kodwa uhambe eshumayela emabandleni ehlukene.
“Akukho ngisho ezinhlelweni zami ukuvula ibandla ngelinye ilanga. Sekungenzeka uma uNkulunkulu wayengibekele kona ezinhlelweni zakhe.
“Okwami wukuya ezindaweni ezihlukene ngiyokhuluma ngoNkulunkulu. Inhliziyo yami ibheke kakhulu entsheni ngoba kuningi okuyididisayo nokungaphazamisa impumelelo yayo,” kusho uMaumela.
Phambilini le ntokazi yathi isahleli ngentombi kodwa seyikulungele ukuthola umkhwenyana.
Yize sekuphele iminyaka yakusho lokhu kodwa iveze ukuthi ucilo ubungakazishayi endukweni.
“Sengikholwa wukuthi le nto yothando nokuqoma ayidingi uyijahe. Sekofika ngaleso sikhathi uma kuqhamuka kodwa akuyona into engingathi ngiyibeke phambili,” kusho uMaumela ehleka.
Mayelana nesithombe asanda kusifaka ezinkundleni zokuxhumana uFacebook no-Instagram enomunye umlingisi uVuyo Dabula esishiye imibuzo eminingi, usichaze njenge sobungani.
Ephetha uveze ukuthi umatasa nokuqopha umucu wakhe omusha, kodwa uthi uzoqale akhiphe ivideo yengoma ekwi-albhamu edlule ethi African Thing.
I-video uthe uzoyishuthelwa abafundi besikole sakhe.