INKAKHA yentatheli yakwaSABC futhi esizakhele okukhulu ukuhlonishwa
kuKhozi FM ngenxa yezinhlelo zezindaba ezethula kulo msakazo, uBongani ‘Qhawe’ Mavuso, isanda kushicilela incwadi yayo engeka-14 esihloko sithi, The Undying Spirit of a Dead Man.
Lo methuli wohlelo oluthi Abasiki Bebunda noluthi Ezangempelasonto, uhlanganise izinkondlo ezilotshwe ngolimi lwesiNgisi ngenhloso yokwethulela isigqoko izishoshovu zomzabalazo zakuleli. “Kuzokhumbuleka ukuthi iNingizimu Afrika igubha iminyaka engu-100 yomakadebona bomzabalazo abangasekho uMnuz Nelson Mandela nobaba u-Albertina Sisulu okuyisikhathi sokugubha kwabo iminyaka engu-100 bazalwa, ukube basaphila ngabe bagubha nathi leyo minyaka.”
Le ncwadi kaMavuso iphinde idwebe isithombe esigqamile ngezigigaba ezehlukene ezikhungathe izwekazi i-Afrika ngakwezepolitiki nenhlalo. Izimo ezikhungethe iNingizimu Afrika neZimbabwe ngakwezepolitiki zigqama kakhulu ezinkondlweni eziqukethwe yile ncwadi okubalwa kuzo ethi Zimbabwe My Blood nethi The Gupta Syndrome.
“Njengembongi ngikubone kufanele ukuthi ngisebenzise usiba ekuzwakaliseni imizwa yami ngezindaba ezithinta impilo yomuntu jikelele ezwenikazi lase-Afrika. Lona ngumnikelo wami eshungwini lobuciko bamazwi alotshwe phansi. Kufanele sikuvikela ukunotha komlando wezwekazi ngokubhala ngazo zonke izigameko ezithinta ngqo abantu abakhele izwekazi. Ngaphandle kolwazi olusezincwadini, isizwe ngeke sikwazi ukuthuthuka ngokugcwele,” kuphetha uBongani.
Leli ciko selingumakadebona kulo mkhakha njengoba selibhale izinkondlo iminyaka engaphezu kuka-12. Izincwadi zesiZulu azishicilele zibandakanya esihloko sithi Izimbali Zemfolozi ngo-2015, okungenye yezincwadi zakhe ezithengwa kakhulu, Izintombi Zengcugce ngo-2018 efundwa e-Unisa, Inhlansi ayiloba ngokuhlanganyela nozakwabo, uNhlakanipho Zulu. UBongani akasagcini ngokubhala kodwa usebuye avumbulule futhi athuthukise izimbongi ezisakhasayo okubalwa kuzo uSiyabonga Mpungose noMaGcwabe ohlabane nyakenye ngeBest Poet kumaSatma Awards. Lezi zimbongi uzivumbulula ezinkundleni zokucobelelana ngolwazi nasemiqhudelwaneni ayisingatha KwaZulu-Natal namaphethelo. Nyakenye uBongani wethule inkampani yakhe eshicilela izincwadi iKaMavuso Publishers ezoqhubeka nokuvundulula amakhono ababhali, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya futhi abagxile kakhulu ezincwadini zesiZulu.
UBongani uphinde waba nesandla esikhulu ekusungulweni kwengosi yezinkondlo iBack to My Roots kuKhozi FM ngo-2005, alwethula ngokubambisana noDudu ‘Lady D’ Khoza ngoLwesihlanu futhi uphinde abe nengosi eshicilela izinkondlo ngoLwesihlanu kwiSolezwe. Izincwadi zikaMavuso ziyatholakala ezitolo ezithengisa izincwadi. Ungakwazi nokuzithola kuye ngokuthumela isicelo ku-email ethi [email protected].