UMCULI wokholo, uMalusi Mbokazi ubhala incwadi ngempilo yakhe
UKUKHULA ebona uyise ehlukumeza unina kwenze umculi wokholo, uMalusi Mbokazi aqale umkhankaso wokuqwashisa ngalokhu futhi abhale incwadi.

UMalusi, oqale ukugqama eqenjini Abanqobi ngaphambi kokuzimela, uthe ubhala incwadi ethi, A Great Pastor in Church But A Beast To His Family.

Ngaphezu kwalokhu wethula umkhankaso wokuhambela izikole, ekhuluma ngokuhlukunyezwa kwabesifazane.

“Incwadi ikhuluma ngempilo yami nokuthi ubaba wayesihlukumeza kangakanani. Washiya umama eneminyaka engu-35 nezingane zakwethu ezimbili. Isehlukaniso sabo saphothulwa eneminyaka engu-35,” kusho uMalusi.

Uthe unethemba lokuthi incwadi izophuma ngo-Okthoba. Uqhube wathi ngoJulayi 26 eYMCA eMgungundlovu uzoba nomcimbi obizwa ngokuthi Amadoda in Worship & Motivation Extravaganza.

“Abantu besifazane bahlukunyezwa ngabesilisa. Sizokhuluma nabesilisa ukuthi kumele baziphathe kanjani. Sakha indoda eqotho. Nabantu abazothamela sizobanikeza amathiphu angabasiza ukwakha abanye abantu. Umuntu wesifazane nje okhulisa ingane yomfana angeza ukuze ezothola ukuthi kumele ayikhulise kanjani, ngemuva kwalokho siyobe sesihambela izikole,” kusho uMalusi.

Uthe kuzobe kukhona abaculi abahlukene okubalwa kubo uThinah Zungu, Babo, Jumbo, Sbu Noah, Ithemba, Sgwili nabanye.

Umcimbi uzoqala ngo-6 ntambama kuze kube wu-6 ngakusasa ekuseni. Amathikithi atholakala eComputicket ngoR100 kuthi iVIP ibe nguR200.