Ezokungcebeleka

Owodumo kwiSibaya uveza okumnyamalalise kwiTV

Charles Khuzwayo|Published

USPHELELE Mzimela ekhangisa ngeminye yemikhiqizo yaBanguni Chicken Farm

Image: SITHUNYELWE

USPHELELE Mzimela obenguKentucky kwiSibaya noMazaza kuZalo, usedalule okumenze wanyamalala kwithelevishini kulezi zinsuku.

USphelele uthe akashiyile ekulingiseni kodwa usagxile ekubeni ngumlimi okuwumsebenzi aseneminyaka ewenza.

"Ngimatasatasa ngomsebenzi wokufuya izinkukhu kwi-Abanguni Chicken Farm eGingindlovu."

Uthe kulo msebenzi - abambisene nabathize kuwo - bagxile ekukhuliseni amachwane bese bewadayisa eseyizinkukhu namaqanda. Uthe lo msebenzi usemqoka kakhulu kulezi zinsuku njengoba intengo yokudla imba eqolo.

"Amaqanda ayabiza ngenxa yokuthi bancane abawakhiqizayo ekubeni edingakala kakhulu."

Uthe okumenza azifele ngokuba wumlimi ukuthi kuyibhizinisi elinemali futhi abantu abaningi abangagxilile kulo.

  "Ngaphandle kwalokho ukulima ngikukhonzile," kusho lentokazi ebiyethula uhlelo lwantambama kwiNanda 88.4 FM.

Uthe seyingaphezu kweminyaka emihlanu beyibambile insimbi ishisa futhi bekhiqiza izinkukhu namaqanda okuseqopheleni eliphezulu ngenxa yokuthi bancintisana nezitolo zezinga elicokeme.

"Sesingene nasekufuyeni izinkomo." Uthe abalandeli bomsebenzi wakhe wethelevishini baze bangakhathazeki ngoba khona maduze uzokhuza ibuya.

"Kunomdlalo omusha engizobonakala kuwo kodwa engingeke ngidalule okuningi ngawo ngoba kuseyinduku efihlwe emqubeni."