UMETHULI weTop Billing kuSABC3, uFezile Mkhize, uzibekisele indawo kwabangu-12 abaphambili emncintiswaneni kaMr World 2019.
UFezile akagcini ngokwethula lolu hlelo olungena ngo-6 ntambama ngoMgqibelo kodwa uphinde abe ngudokotela.
Unqobe umncintiswano uMr World South Africa wazibekisela indawo kowomhlaba jikelele.
UFezile udle umhlanganiso emncintiswaneni oyingxenye kaMr World, iTop Sportsman wathola indawo kwiTop 12.
Umncintiswano ubuseManila, enhlokodolobha yasePhilippines. Bebenziswa imidlalo ehlukene njengokugijima, ukubhukuda nokunye. Bebonke abangenele bangu-40 kanti bavela emazweni ahlukene okubalwa kuwo
i-Angola, Argentina, Botswana, Cameroon, China, England, Ghana namanye.
UFezile uthe ujabule ngokunqoba kwiSports Challenge.
“Kusicabele indlela yokungena kwiTop 12 nokungokokuqala eNingizimu Afrika kusuka ngo-2007,” kusho uFezile ekhasini lakhe le-Instagram.
Unxuse abantu ukuthi bafake i-app iMobStar kumaselula abo ukuze bamvotele.
Umcimbi wokukhetha uMr World uzoba ngo-Agasti 23 eSmart Araneta Coliseum, ePhilippines. Izinsizwa zizobe zibanga isicoco esiphethwe nguRohit Khandelwal wase-India osithathe ngonyaka odlule.
Umcimbi uzosakazwa bukhoma emhlabeni jikelele
kwi-website yale miklomelo.