BANINGI abalingisi abavela mihla namalanga emidlalweni yethelevishini kuleli kodwa abangakaze bakufundele.
Imisebenzi eminingi kwezokungcebeleka bathi idinga ithalente kakhulu ngaphandle kwesikole.
Nokho bakhona abanye abawuyela esikoleni lo msebenzi ukuze bezothuthukisa ikhono abanalo.
Omunye walabo balingisi nguNqobile Sipamla.
“Ngangizitshela ukuthi imfundo ayibalulekile kodwa ikufundisa ukuthi ukwazi ukwenza izinto ezahlukene. Ingenze ngafuna ukwazi okuningi ngemboni. Manje ngiyazi ukuthi angidingi ukuthi ngihlale ngivela kuthelevishini. Kuningi okunye ongakwenza njengokuthi ubhale imidlalo uphile,” kusho uNqobile.
UNqobile (34), odlala indawo kaCebile kwiKhaya elikhonjiswa ngo-8 ebusuku kuMzansi Magic (DStv 161), une-degree kwezokulingisa ayithola e-AFDA Film School.
“Ngesikhathi ngisafunda amabanga phansi ngangidlala imidlalo futhi ngangifuna ukuba wudokotela. Uthisha wami watshela umama ngokuthi kumele ngiyofunda eNational School of Arts ngoba ngangiwina imiklomelo emculweni. Ngangingafuni mina kodwa kuthe sekuphakathi nokufunda ngaba nothando futhi ngase ngiwumuntu ohlala esesikoleni.”
Lo mlingisi uthe uzalelwe ePimville, eSoweto, kodwa wakhulela ezindaweni ezahlukene, njengaseNorth West, ngenxa yokuthi abazali badivosa kanti manje usehlala eThekwini. Ekhula uthe wayekhonze ukudlala futhi egangile.
“Ngangigibela izinja njengamahhashi. Umama wayesebenza eSABC ngakho wayebuya nama-video oBrenda Fassie no-Asinamali naweSarafina."
Ngemuva kokuqeda ukufunda, umdlalo wakhe wokuqala ukulingisa kuwo kwaba yiThe Suitcase eyayidlala eMarket Theatre. Waze wahlomula ngendondo yeNaledi Theatre Award emunxeni weBest Newcomer/Breakthrough ngo-2006.
Ngemuva kwalokho udlale emidlalweni eminingi neyethelevishini okubalwa kuyo iMusic in the Air, ePlayhouse, Abo Mzala kuSABC1, Mtv Shuga Down South, ifilimu Amandla, Ashes to Ashes ku-e.tv, Uzalo neKhaya adlala kulo manje.
Echaza ngeKhaya uthe: “Kuzoshuba kule sizini. UCebile ngathi ingqondo iyahamba kuye, abantu bazomangala yizinto azozenza. Uzonishiya nikhamisile.”
Ngaphandle kokulingisa uNqobile uthe ungumculi njengoba maduze ezokhipha umculo wakhe. Uthe uthanda ukulalela ijazz nesoul.
“Ngenza umculo oshaya ngesigqi sehouse netribal, kukhona futhi nesedub step. Ngenza osajazz kodwa kwisigqi setrap. Sidlala ngemisindo nje. Ngaphambi kwePhasika uzobe usuphumile futhi sengiqalile ngiyanandisa ezindaweni. Ngithembe ukuthi abantu bawamukele kahle. Ngangingazi ukuthi ngiyakuthanda ukucula ngoba sikhula kwakuthiwa ngiyabhimba ngizitshela ukuthi ukulingisa yiyona nto yami. Ngikuthanda kokubili kodwa manje ukucula nokulingisa.”
Uthe uma engenzi lutho uthanda ukufunda izincwadi noma abuke amafilimu.
Uthe futhi ubuye asebenze enkampanini yakhe nabambisene nabo uRoxanne Faltian noWarona Seane, iRefhuge. Le nkampani ihlela imicimbi, yenze izinkundla zokucobelelana ngolwazi nokunye.