UMSAKAZI weGagasi FM, uDJ Naves, oqokwe emunxeni wabavelele abashayela izinhlelo zantambama eziteshini ezingenisa inzuzo kumaLiberty Radio Awards, uthe ufuna umklomelo wohlelo lonke.
UNaves uqokwe emunxeni we-Afternoon Drive Presenter: Commercial lapho eqhathwe khona noThando “Thabooty” Thabethe (5FM), Bongani Mtolo (East Coast Radio), Kgomotso Matsunyane (Kaya FM) noCarl Wastie (KFM).
Lona wumunxa ofanayo nokwaqokwa kuwo uSphectacula asebenza naye ngonyaka odlule.
“Ngisafuna ukuqonda kahle ukuthi kuqokwa kanjani. Mhlawumbe kumele kube khona owabahamba ngababili emsakazweni,” kusho uNaves.
Uhlelo lwabo, iKings Drive, olungena ngo-3 kuya ku-6 ntambama phakathi nesonto liqokwe emunxeni we-Afternoon Drive Show: Commercial. Liqhathwe neThe Thabooty Drive (5FM), Uncaptured (Kaya FM), Kaya Bizz (Kaya FM) neThe KFM Flash Drive with Carl Wastie (KFM).
“Ngijabule ngokuqokwa kweqembu. Yiyo ebalulekile kimi, okunye angikufaki ekhanda. Bangayithatha yonke imiklomelo inqobo nje uma bezosinika eyeqembu,” kusho uNaves.
UNaves ubuye wagcizelela ukuthi abashiyi kulesi siteshi njengoba kunamahlebezi. “Sijabule futhi umsebenzi uyaphusheka. Ayikho yonke le nto yokuthi siyahamba. Sinenkontileka yeminyaka emithathu futhi unyaka wokugcina uzoqala ngoJuni kube wunyaka ozayo,” kuchaza uNaves.
Ezinye izinhlelo zeGagasi eziqokiwe yiNdaba eyethulwa ngu-Alex Mthiyane neThe Block Party eyayenziwa nguNjinga noZisto.
Umphathi wezinhlelo ze-East Coast Radio, uZane Derbyshire, uthe uyaziqhenya ngokuthi ithimba lakhe liqokwe eminxeni engu-13.
Phakathi kwabaqokiwe kuyo kubalwa uhlelo lwasekuseni, umethuli wemidlalo uSky Shabalala neminye.
Ukhozi FM luqokwe emunxeni owodwa we-podcast.
Isikhulu semiklomelo, uLance Rothschild, sithe bathole imingenelo engaphezulu kuka-1 900. Imiklomelo izoba seSandton Convention Centre, eGoli, ngo-Ephreli 13. Uhla oluphelele lwabaqokiwe lutholakala ku-www.libertyradioawards.co.za.
Mayelana nokuqokwa kukaNaves yedwa ekubeni besakaza noSphectacula, Isolezwe lizame ukuthola uPilantu Nkanunu osethimbeni elihlungayo lakwaLiberty Awards, akatholakalanga ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa kanti ngonyaka owedlule kwakuqokwe uSphectacula.