LIKHALA ngobunzima elizobhekana nabo uma seliqhubeka ngaphandle kukaSergeant Satshwa Malishe, iqembu i-Afro Soul ebelincwaba ilungu lalo eMlaza, izolo.
UMalishe, obezohlanganisa iminyaka engu-42 ngoLwesihlanu oluzayo, ushone ngoLwesibili olwedlule esibhedlela eClairwood, lapho engeniswa khona ngeSonto emva kokwehluleka ukuphefumula kahle.
Uthe esegoduka, waquleka eseyongena emotweni wabuyiselwa ngaphakathi, nokuyilapho afike waqinisekiswa khona ukuthi akasekho. Izolo ungcwatshwe ekuseni ngamalungu omndeni emathuneni ase-17 kwase kuba nenkonzo yesikhumbuzo eHow Long Park, eMlaza.
Bazwakalise usizi ozakwabo asebesele eqenjini okunguThandeka Zulu noSabelo Ngema. UThandeka uthe kusazothatha isikhathi ngaphambi kokuthi bajwayele ukuth uMalishe akasekho.
UThandeka owajoyina iqembu njengomdansi ngaphambi kokucula phambili, ngemuva kokushona kukaThandeka Mkhize, wathi babhekane nezingqinamba eziningi njengeqembu.
"Bese kuqala kukhanya sibona ukuthi siya kuphi njenge-Afro Soul kodwa usathane waphinda wasijabhisa. Kubuhlungu sisele sibabili manje. Uma sisemcimbini uma sekufika uMalishe abantu bebethi ’nanso-ke i-Afro Soul’. Besilwa kunzima, uMalishe athi ngizolwa. Emcimbini uma sekubangwa izikhathi zokungena esiteji ubesukuma uMalishe, asilwele sifohle sicule. Hamba kahle sizohlale sikuthanda kodwa kusazoba nzima," kusho uThandeka.
USabelo, obebambisene nomalishe ekuphatheni isikole sobuciko, i-Ikabawo Performing Arts Academy, uthe ushone esekwenze konke ayekufisa.
"Ngiyathembisa ukuthi sizoqhubeka senze okungaphezulu," kusho uSabelo.
Uthe bazobona baqhubeka kanjani ngoba bese beqedile nokuqopha i-albhamu entsha. Udadewabo kaSergeant, uMabongi Malishe uthe kunzima emndenini wabo ngoba balahlekelwe ngamalungu amane kulo nyaka.
Kule nkonzo amaciko abephume ngobuningi bawo eholwa nguJoy Mbewana onguMengameli womfelandawonye wezinyunyana zawo iCultural & Creative Industries Federation of South Africa.
Uthe muva nje, bahanjelwe ngamaciko amaningi futhi wanxusa uMalishe ukube ahambe ayotshela namanye lapho eya khona, ukuthi abakhululekile.
"Sibanjwe ukhwantalala. Ngiyathemba ukuthi igazi lakhe lizokhuluma nasezinyanyeni zethu sikhululeke sibe nemali njengamaciko," kusho uJoy.
Uhlelo lwenkonzo beluphethwe nguMapule Mchunu Ngobese, futhi belusakazwa bukhoma kwiMbokodo FM. Ubelokhu ezikhumbuze njalo izethameli ukuthi zifake izifonyo, zihlale ngokuqhelelana futhi zihlambe izandla.
UMalishe ushiye emhlabeni unina, indodakazi yakhe, udadewabo nabafowabo ababili.