UKHUZA ibuya kuthelevishini umlingisi u-Oros Mampofu owazenzela igama ngokudlala indawo kaJama emdlalweni wakuSABC1, iSkeem Saam eminyakeni emithathu edlule.
Uzoqala ukubonakala emdlalweni we-e.tv iRhythm City City edlala indawo kaBanele ngoLwesine.
Abalo mdlalo odlala ngoMsombuluko kuyakuLwesihlanu ngo-7 ebusuku kuthiwa bamamukele ngezandla ezifudumele u-Oros.
Lo mlingisi uchaze lo nyaka njengoqale kahle kuye njengoba esanda kubusiswa ngomntwana wentombazane.
Echaza ngokuthola lelithuba lokudlala enye yezindawo eziqavile u-Oros uthe uswele amaphiko okundiza indlela akujabulele ngakho ukuba yingxenye yalo mdlalo.
Ukudlala indawo kaBanele uthe akubanga nzima ngoba yinto ayibonayo la ngaphandle.
“UBanele uveza okwenzeka emphakathini esiphila kuwo, izinkinga esibhekana nazo ikakhulu izitshudeni. Ngizizwa ngikhethekile ngokunikezwa ithuba lokulingisa le ndawo ecatshangisiswe kahle. Ngijabule ngakho ngibheke ukuthi leli gxathu esengilithathile lizongithatha lingibeke kuphi,” kusho * -Oros.
Okhulumela i-e.tv uMatodzi Mashau echaza kabanzi ngendawo edlalwa u-Oros uthe uBanele umfana ophuma emakhaya e-Eastern Cape, oqhamuka emndenini ohlwempu noziphilisa ngemali yesibonelelo sikahulumeni.
Uthe uBanele uqala ukubona impilo ngelinye iso ngemuva kokuthola umfundaze wasenyuvesi yaseGoli.
UMatodzi uqhube wathi abantu abaningi bazomthakasela uBanele ngoba uzobakhumbuza ubunzima nabo abadlula kubo.
Njengabantu abaningi uthe uBanele ubhekana nomthwalo wokuba ngowokuqala kubo ukuya enyuvesi ngakho umndeni wakhe ubeka wonke amathemba awo kuye ukuthi uzobakhipha ekuhluphekeni.
Ababukeli uthe bazozibonela bona ukuthi ngabe uBanele uzomelana yini nengcindezi yempilo yaseGoli.