UMLINGISI odabuka oLundi, uMthokozisi Zulu, usezakhele udumo eGermany ngomdlalo weshashalazi awubhale nezinkakha zaphesheya kwezilwandle.
UMthokozisi (29) uthe usedlale iminyaka emithathu eFrankfurt eGermany emdlalweni awubhale noLana Corpeda waseNetherlands noMonik Kosik waseGermany kusukela ngo2016.
“Kulo mdlalo, othi Lion and Liquids, sikhuluma ngokuthomba kwabafana nentombazane okokuqala.
Sisebenzisa amaTV namakhamera ukwenza umdlalo uhlabahlose. Uma sesidlala lo mdlalo kugcwala kuthi phama.”
Uthe lo mdlalo awukaze wadlalwa lapha eNingizimu Afrika.
“Lo mdlalo bangawuthakasela kakhulu abafundi baseNingizimu Afrika ngoba uhambisana nesifundo seLife Orientation kodwa thina senza usijabulele lesi sifundo ngendlela esiwulingisa ngawo.”
UMthokozisi ubelingisa komunye umdlalo awenze noPhindile Dube othi Journey To Eternity eJohannesburg Theatre eGoli ngoMgqibelo.
Leli ciko elikhulele eMelmoth naseShowe ngaphambi kokuzozinza eNew Germany, ufundele ukulingisa eDurban University of Technology ngemuva kokuphothula uGrade 12 eGlenwood High eThekwini.
Kulezi zinsuku, uMthokozisi ulingisa emdlalweni okhonjiswa e-Elizabeth Sneddon Theatre, e-UKZN Howard College, othi Curtain Up, oyoze ugcine ukubukiswa ngoJuni 2.
UMthokozisi uthe abantu abeze bezowubona ngoba ubophele imidanso nezingoma ezingasoze zabuna.
Uzophinde abonakale komunye osuselwe encwadini engaconsi phansi komuntuza yopopayi esihloko sithi Charlotte’s Web. Nawo lo mdlalo uzokhonjiswa e-Elizabeth Sneddon Theatre, ngoJuni 13 kuze kube wuJulayi 7 kulo nyaka.
Ngamafuphi, lo mdlalo ukuthatha ukubeke ngechwane lengulube, uWilbur, elinobungani nolwembu elinguCharlotte.
Ngesikhathi uWilbur ebhekene nengwadla, uCharlotte uyamhlenga ngokubhala imiyalezo ebulwembini bakhe. Nakuba kungumdlalo obhekiswe ezinganeni kodwa nabantu abadala bazowuthokozela ngoba ushiya izithameli ezineminyaka ehlukene, ziphethwe yizisu wukuhleka.
Kubalingisi balo mdlalo kuboshelwe uMthokozisi Zulu, Belinda Henwood, Lyle Buxton, Cara Roberts, Straw Nzimande noBryan Hiles.
Amathikithi abiza kusukela kuR100 kuya kuR180.