OMUNYE wabamele iKwaZulu-Natal kuMiss South Africa, uFanelesibonge Mbuyazi, uthe uyingane yesimangaliso.
“Ngemuva kokuzalwa, ngake ngaquleka isikhashana. Umama waze wacelwa ukuba acishe imishini ngoba lalingekho ithemba. Kunalakho wayethandaza, ngaze ngavuka ekuqulekeni,” kusho le ntokazi edabuka KwaMsane, eMtubatuba kodwa esagobe amadlangala eRondebosch, eCape Town.
UFanelesibonge (22) uthe uyethemba ukuthi nguye ozodla umhlanganiso kulo mncintiswano ngoba angaba wumholi oqotho.
“Ubuholi buyisikhundla esikhohlisayo. Abanye babuthatha ngoba becabanga ukuthi isikhundla lapho bezokhothanyelwa khona. Ngokungenela lo mqhudelwano, ngikuqonda kahle ukuthi ubuholi bumayelana nokunakekela abantu, hhayi kube yibo abakunakekelayo.”
Uthe yena uzogxila empilweni nasekuphepheni kwabesifazane nezingane. Uthe okungamenelisa kulo mqhudelwano wukubona impilo yabantu iguquka.
Isizungu usichitha ngokubukela amafilimu nokwenza i-yoga. Echaza ngomndeni wakhe, uthe unina unguthisha osathatha umhlalaphansi futhi ongumuntu wokuqala emndenini wakhe owathola iziqu zasenyuvesi.
“Nginodadewethu ababili okungoSilindile (30), Sibahle (26) nomfowethu uSiduduzo (24).”
Uthe isifiso sakhe wukuthola iziqu ukuze aqhubekele phambili ayokwenza iziqu zeHonours neMasters e-University of Oxford.
“Ngifuna ukuba i-data analyst eCSIR futhi ngisebenzise ulwazi engilutholile ukuvula isikole esizofundisa amantombazane ngekhompyutha emakhaya. Ezobuchwepheshe zineqhaza elikhulu empilweni yethu yemihla ngemihla kodwa akekho ofukula lezi zingane ngezobuchwepheshe.”
Umyalezo wakhe kubantu besifazane abasebasha baseNingizimu Afrika uthe abadingi ukuba baze baqome ukuze bafeze amaphupho abo futhi bajabule.
“Nawe ungakwazi ukuphendula amaphupho akho abe yiqiniso.”
UFanelesibonge njengamanje wenza iziqu zeComputer Science and Applied Statistics e-University of Cape Town.
Ungomunye wezintokazi ezinhlanu ezimele iKZN nezingu-35 ezidlulele emzuliswaneni owandulela owamanqamu walo mqhudelwano ozoba seSun Arena, ePitoli, ngo-Agasti 9.
Amathemba aseKZN alele kuFanelesibonge, Mbali Dlamini (22) waseNewcastle, Xia Narain (23) waseChatsworth, Danielle Wallace (26) waseMhlanga noLisa Stoffela (26) wasePort Shepstone.