UMLINGISI osafufusa waKwaMakhutha, eThekwini, uSamantha Zulu, uthole ingqayizivele yethuba lokucijwa ngumdidiyeli wamafilimu odume umhlaba wonke uTyler Perry.
USamantha (23), owenza unyaka wesithathu kumunxa weLanguage Practice eDurban University of Technology, uthe uthole leli thuba ngokungenela inhlolokhono ebiyenziwa kuleli ebizwa nge-International Arts Talent Showcase ngo-Agasti kulo nyaka.
“Ngibe sengithola isitifiketi esibizwa nge-overall actor esenze ukuba ngidlulele ekuhlungeni kwamanqamu kukazwelonke obekuseGoli ekuqaleni kwale nyanga lapho ngihlungwe khona nguKim Meyers, ongumqondisi we-Arts Convention noRhavynn Drummer ongumqondisi ohlonza ikhono kwiTyler Perry Studios.
“Ngibe sengikhethwa uKim Meyers ukuba ngiyoveza ikhono lami kwi-Arts Convention ese-Orlando Florida e-USA ngoJulayi ngonyaka ozayo.”
UTyler wazakhela udumo ngefilimu ethi Why Did I Get Married nethi Diary of a Mad Black Woman njengoba esezokhombisa ngethi Nobody’s Fool, Vice nethi A Madea Family Funeral.
Khona maduze uzotheleka kuleli ezodidiyela ifilimu ezokhuluma ngempilo yesitshudeni sase-USA esasifunda e-University of Western Cape kodwa esabulawa ngokugxotshwa ngamatshe futhi sagwazwa u-Amy Biehl ngo-1993.
Leyo filimu izobizwa ngokuthi The Year Of The Great Storm.
Nakuba kunjalo kodwa injabulo kaSamantha isheshe yashabalalisa okwamazolo ebona ilanga njengoba kufanele azithwalele zonke izindleko zokuya kulo mbuthano wamaciko amazwe ngamazwe.
“Ngicela nanoma ngubani ongangisiza ukuze ngithole uxhaso lokuya eNew York bese ngidlulela e-Orlando Florida. Uhambo lwami seluhlangene ludinga imali enguR100 000. Mina ngahlungelwa ukulingisa nokukhangisa ngengqephu.
“Le mali izobhekana nezindleko zokuya nokubuya E-USA, ukuthamela ama-bootcamps, uqeqesho nezinkundla zokucobelelana ngolwazi, ngibambe iqhaza kwingqungquthela yamaciko bese ngenza nokuthathwa kwezithombe."