Ezokungcebeleka

Owamapiano uthi umndeni ubungayizwa eyokucula

Thokozani Ndlovu|Published

OWENGOMA ethandwayo, uKonke uthi umndeni ubungayizwa eyakhe nokucula usaba ukuthi uzophazamiseka ezifundweni Isithombe: SITHUNYELWE

OWENGOMA esematheni kulezi zinsuku iKancane, uthi kube nzima ukusheba umculo nemfundo ngenxa yokuthi umndeni ubungayizwa kahle eyokucula.

UPhiwakonke “Konke” Ntanzi (21), owenza unyaka wesine ezifundweni zomthetho eNyuvesi KwaZulu-Natal, ubonga ukuthi izinto zisheshe zicace emculweni okwenze abazali bakhe behlisa umoya.

Engomeni yakhe ekhonzwe ngabaningi iKancane, ucula ngokuhlanganyela noMusa Keys, ohlonishwayo emculweni wamapiano.

“UMusa Keys wabona ividiyo yami ezinkundleni zokuxhumana ngilingisa abanye abaculi bamapiano. Wathi iyamchaza indlela engicula ngayo. Ngaleso sikhathi bengivamise ukucula izingoma zabantu.

“Ebengiyikhonzile kakhulu yiJola kaDe Mthuda apike kuyona uSino Msolo, noDa Mizical Chef. Senza imizamo yokuhlangana sase sikhipha iculo iKancane. Ukuduma kwalo yikhona okwenze abazali bami banginika isibusiso sokuthi ngingaqhubeka nomculo ngoba yinto abebengayizwa kahle, befuna ngigxile ezifundweni,” kuchaza uKonke.

Njengamanje usanda kukhipha i-EP ethi iMalandela,ehlanganise zonke izingoma asezikhiphile kusuka nyakenye eqale ukuqopha umculo. Uthe umculo awukuphazamisi ukufunda kwakhe ngoba wenza unyaka wesine ezifundweni zezomthetho.

Uthi uzimisele ngokuthi aqhubeke nemfundo, ebe ewenza eceleni umculo ngoba yinto akhule eyithanda. Ezinye zezingoma eziqukethwe yiMalandela, kubalwa iM’nike, Hamba Nawe, Looking nezinye.

Kulo nyaka iKancane, imbeke ethubeni lokuthi aqokelwe kwiSong of the Year kumaMetro FM Awards, wanandisa kuyona le miklomelo yezindondo eMpumalanga. Useke wanandisa nakumaSouth African Music Awards nakuma-Idols SA.