Lokhu kuvele izolo ngesikhathi kune-baby shower yengoduso yakhe uThobeka Majozi, ehhotela lakubo iNto’s Boutique Hotel eLa Lucia.
Kulo mcimbi abantu bebengena bahlanzwe khona izandla bese benikezwa izifonyo. Abantu abebekhona bebelinganiselwa ku-25 futhi bephethe inqwaba yezipho ezihlukene.
Phakathi kwabebekhona kubalwa uDJ Happy Gal, umdansi wase-Afrotainment osenguDJ uSlenda, Polo B, nonontandakubukwa weTheku uThah Simelane nabanye.
Isolezwe elihambele kulo mcimbi, lithole ukuthi kulindelwe ukuthi ingane izalwe ngoSepthemba 11.
“Uzoteta ngoSepthemba 11, okuwusuku olufanayo nokuzophuma ngalo i-AMN (i-albhamu kaCassper),” kusho umthombo osondelene nabo bobabili.
UNto Majozi, unina kaThobeka, uphawule kanje: “Yaze yayinhle into yezingane.”
UCassper ubekhona emcimbini wavela sekushaywa izithombe wabuye wasuka lapho bekunomcimbi khona. Izethameli zihlale isikhashana zaqala zagoduka kancane kancane.
UCassper wabhala ezinkundleni zokuxhumana ngoJuni ukuthi uzoba ngubaba.
“Ngizoba ubaba noma yinini kusuka manje ngakho ngithathe isinqumo sokuthi i-albhamu yami ngiyethe ngokuthi yi-#AMN (Any Minute Now). I-albhamu iphuma ngoSepthemba 11 futhi ikhava ngeyesithombe sendodana yami esesiswini sikamama wakhe, omuhle. Mbheke, muhle njengobaba! Ngijabule ngale albhamu kodwa ngijabule kakhulu ngokuba wubaba kumfana omuhle,” kubhala uCassper.