INTOKAZI ezinze eThekwini edume ngokungadilozi, uZodwa Wabantu, ithi kulokhu akukho muntu ozokwazi isoka lakhe elisha.
Uthi akasafuni ukuphinde abe yinhlekisa uma izinto zingasahambi kahle njengoba kwenzekile emasokeni akhe amabili edlule.
“Sithathe isinqumo sobabili ukuthi into yethu izoba eyethu, abezindaba ngeke sibatshele lutho,” kusho uZodwa.
Uthe njengamanje ujabule kakhulu naleli soka futhi basazama nokwazana kangcono.
“Nginebhadi lokwaziwa njengomuntu ongaziphethe kahle ngoba ngidumile. Uma kubhede ubudlelwane engikubo, kubukwa mina ngedwa njengesahluleki, sengakwamukela lokho.
“Angisoze ngayeka ukuqoma uma kusavuma ngoba ngifuna ukwaziwa nomuntu engisuke ngithandana naye ngingahambi ngilala nabantu emakhoneni,” kusho uZodwa Wabantu.
Uthe ayikho into etheni asuke eyifuna kumuntu wesilisa ngaphandle kothando lweqiniso nokuyinto angakabi nenhlanhla yayo, kunalokho ubethola abantu abafuna udumo ngaye.
“Mina ngiyazazi nginothando futhi uma ngithandana nomuntu ngisuke ngifuna ukumenelisa ngimsize lapho ngingakwazi khona.
“Lokhu ngisuke ngingakwenzi ngoba ngiyisilima njengoba abantu becabanga. Othandweni kuyasizwana onamandla wokufukula omunye kusuke kufanele amsize, mina noma ngingakuthengela indlu ngeke ngikuphuce ngoba sesihlukana,” kusho uZodwa Wabantu.
Le ntokazi ithi leli soka lenze nokuthi akhohlwe wusizi olulethwe wukubheduka kweCovid-19 emise yonke into.
“Uyangithanda yingakho nami ngingafuni ukumncisha uthando ngoba ngithi ngike ngaphoxeka phambilini.
“Abanye abantu bangangibuka sengathi ngiyahlanya kodwa akungiphathi kabi ukushiywa ngoba ngisuke ngiyivule yonke inhliziyo yami,” kusho uZodwa Wabantu.
UZodwa uthe njengamanje umatasa nokuqopha uhlelo lwakhe olwaphazanyiswa nayiCovid-19.
Ngaphandle kohlelo umatasa nanemicimbi eyahlukene njengoba esebhukhwe ezifundazweni ezahlukene nokoze kuphele unyaka esebenza.
Iziphaqulo ayekhulume ngazo okubalwa kuzo ama-lipstick nokwamehlo useyoze akwethule kabusha ngonyaka ozayo.