INGENWE yiLadies House ekaZodwa Wabantu nebhungu ebeliyisoka lalo okuvele ukuthi selizitholele isinqandamathe esisha. UVusi Ngubane ulale izolo edunyelwa yikhanda imbuzo ngokubonakala kwakhe nonyanyavu lwemoto uZodwa Wabantu okhala ngokuthi uyithathe ngegama lakhe. Le ngxabano yalaba bobabili igcine seyisabalala kuzona zonke izinkundla zokuxhumna.
UZodwa Wabantu udalule nezimfihlo zothando lwabo eveza ukuthi uVusi ubemthokozisa ngocansi, emthengela izipho nezimpahla zokugqoka kodwa wakhombisa ubuqola wadla phansi nezinye zezinto zakhe.
Kuyimanje uZodwa Wabantu unama-video awafake ekhasini lakhe lika-Instagram ebikela abantu ukuthi akanankinga nokuthi uVusi aqhubeke nempilo kodwa hhayi ngamandla akhe. UZodwa Wabantu uthe uVusi unyamalele nento yakhe enkulu ebalulekile, okwenze imbokodo yaseLadies House yadinwa yagana unwabu yangena ekhasini likaVusi.
Amalungu eLadies House ebeveza ukuthi afuna kubuye izinto zikaZodwa Wabantu futhi uVusi aphumele obala nejngoba efunwa amaphoyisa. " Angikusabi kade ngithule ayakufuna amaphoyisa. Nanoma ubani ombonayo ayamfuna amaphoyisa, leli qola. Bengibona umncane ngicabangela ikusasa lakho," kusho uZodwa Wabantu. UVusi ubelokhu ebaphendule njalo abesifazaen baseLadies House ethi abamtshele uZodwa Wabantu ukuthi uzomthola eSikhaleni (eSikhawini) uma esemdinga okwangempela.