ISILOMO sohlelo lwethelevishini olukhuluma ngempilo yangempela kuMoja Love ngoMgqibelo ebusuku, iZodwa Wabantu: Uncensored, singene obishini ngokungalubhadi emcimbini ebesimenywe kuwo eDowntown View Butchery eLimpopo ngempelasonto eyedlule.
Abahleli balo mcimbi bathukuthele bayaveva ngesenzo sikaZodwa Wabantu ekubeni bethi bamqasha ngoR30 000 kusasele izinyanga ezimbili kube nalo mcimbi. Okubacike kakhulu ukuthi uZodwa wabonakala esekhangisa ngomunye umcimbi obuseBloemfontein ngosuku olufanayo. Bathe sebethathe isinqumo sokumfaka enkantolo ukuze ababuyisele imali yabo yonke.
"Siphoxeke ngempela ngoZodwa. Asenze khona besingakulindele neze. Samkhokhela uR30 000 ongukheshi," kusho umgqugquzeli walo mcimbi uKabelo Mooketsi.
Bathe ubuhixihixi phakathi kwabo noZodwa baqala ngesikhathi bemcela ukuba abakhangisele umcimbi emakhasini akhe asezinkundleni zokuxhumana kodwa wangazihlupha ngokwenza lokho.
"Kunalokho wayezikhangisela omunye umcimbi ongosuku olulodwa nowethu eBloemfontein. Sabe sesikhuluma nomphathi wakhe owavuma ukuthi uyazi ngomcimbi wethu futhi wathembisa ukuxoxisana noZodwa ukuba akhangise ngalo mcimbi." Nebala uZodwa wabe esenza i-video maqede wayisabalalisa ezinkundleni zokuxhumana zakhe. UKabelo uthe bamangala engasafiki kwaze kwashaya isikhathi sokuvala ekubeni ayethembisile ukuthi uyeza.
Bacasuka bafa bembona efaka ama-video nezithombe ezikhombisa ukuthi useBloemfontein. UKabelo uthe ngakusasa ngeSonto bathi bayamfonela uZodwa ngenhloso yokumazisa ukuba abuyise imali yabo wavele wezwa ukuthi yibo wavala ucingo. Uthe bahluleka ngisho sebezama ukuxhumana nomphathi wakhe kodwa naye wavele wangabaphendula. Esephetha uKabelo uthe ukungafiki kukaZodwa kwamosha umcimbi negama lesilaha futhi kwaphoqeleka ukuba babuyisele zonke izimali ababeziqoqe ezithamelini. Uthe yingakho begcine bethathe isinqumo sokufaka uZodwa enkantolo.
Eziphendulela uZodwa akayanga le nale kodwa uvumile ukuthi akalubhadanga kulo mcimbi yize ayesekhokhelwe. Ezithethelela uthe iphutha alibanga kuye kodwa laba kubo abahleli bomcimbi ngoba umcimbi wabo waqala waba ngoDisemba kanti uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa uzovala izwe nayo yonke imicimbi ngamaholidi kaKhisimusi. "Babe sebengithinta futhi bethi asenze umcimbi ngolunye usuku engase ngivele ngiqashwe ngalo eBloemfontein. Yingakho ngingabange ngisafika emcimbini wabo. Ngiyaxolisa kakhulu kubalandeli bami ngalokhu." Uthe uzimisele ukubabuyisela imali ayeqashwe ngayo nakuba engacacisanga ukuthi lokho uzokwenza nini. Akukhona okokuqala engafiki emcimbini njengoba kwaze kwakabili engafiki kweyayiseZimbabwe.
*IZodwa Wabantu: Uncensored Season 2 ikhonjiswa kuMoja Love njalo ngemiGqibelo ngo8.30 ebusuku.