UPHOXEKILE usaziwayo wakuleli etshelwa ngobulili bakhe ezinkundleni zokuxhumana ezama ukweseka abantu baseZimbabwe. ULaSizwe ungomunye wosaziwayo abaphumela obala ngokuba nobudlelwane nabantu abanobulili obufayo. Kodwa muva nje uphenduke undabuzekwayo ezinkundleni zokuxhumana abanye abantu bekwenza ihlaya ukuba yisitabane kwakhe.
ULaSizwe uthole amathonsi abanzi kulandela ukuthi ebhale emakhasini akhe ezokuxhumana okubalwa uTwitter no-Instagram lapho ebeveza khona ukuthi uyabeseka abantu baseZimbabwe kuzona zonke izimo ezinzima ababhekene nazo ezweni labo. Kuvele kwachwaza kutwitter babodwa abamtshela ukuthi bona abahambisani nobutabane babo. Lokhu akwehlanga kahle kuLaSizwe ngoba ubezitshela ukuthi esikhathini samanje akekho umuntu osacwasa abantu abathandana nabantu abanobulili obufanayo.
Indlela abantu abaphawule ngayo yenze kwazwela kakhulu kulo saziwayo waveza nokuthi ubengazi ukuthi ukweseka kwakhe abantu ekubukelwa phansi amalungelo abo kungagxoba ngezinyawo amalungelo akhe naye.
“Bengicabanga ukuthi lento yokucwaswa ngokobulili ayisoze yazwela kimi. Kodwa kuzwele kakhulu kodwa ngisamile ekutheni ngayayeseka iZimbabwe. Ngifisa kuphele ukuxhashazwa kwamalungelo abantu eZimbabwe nabantu abathandana nobulili obufanayo baphathwe njengabanye abantu," kusho uLaSizwe.
Abanye babalandeli bakhe balokhu bemduduze njalo ezinkundleni zokuxhumana, abanye baveza nokuthi bayameseka naye ngesimo abhekene naso njengoba ephoxiwe.