USOLA ukuthi kukhona into abamfakele yona esiphuzweni umculi wakuleli, okusabalale i-video yakhe ehlulwa wukuma esesiteji kade enandisa.
UMlindo The Vocalist, wodumo lwengoma ethi Macala, uvele kule video efakwe kwiTwitter sengathi uhlulwa wukuma, wagcina ngokuhlala phansi esiteji.
Iningi labantu belisona izinkamba zikaFaro ukuthi ziyimbangela yalokhu.
UMlindo ube esebhala ekhasini lakhe kwiTwitter ethi: “Ngithanda ukuxolisa kakhulu kubalandeli bami nakuwo wonke umuntu ngalokhu okwenzeke ngempelasonto edlule. Ngeke ngingene kakhulu emininingwaneni ephelele kodwa ngiyalivuma iphutha lami. Ngizokwenza kangcono ngokuzayo."
Kule video uMlindo uze asizwe ngamadoda amabili, okuyiwona amphakamisayo amkhiphe esiteji.
Ethintwa yiSolezwe ngeSonto, uthe ubenandisa eMacNose Short Left, eSoshanguve ngoMsombuluko.
“Bese ngiqedile ukunandisa, sengicula ingoma yokugcina. Iphutha lami kube wukuphuza isiphuzo engisinikwe ngomunye wabantu obesezihlweleni. Kakuphelanga ngisho imizuzu emihlanu ngisiphuzile, ngangabe ngisazizwa kahle,” kuchaza uMlindo.
Uthe uyalibona iphutha lakhe lokuphuza isiphuzo somuntu angamazi kodwa yena ubezama ukukhombisa ubuntu ngokuphuzisana nomlandeli.
Uqhube wathi ngendlela abebuthaka ngayo kuze kwagudluka inkomishi yedolo kodwa uyalulama.
“Noma kungathiwa ngiyaphuza kodwa umsebenzi wami ngiwuhlonipha kabi, ukuthi ngingadakwa ngize ngibe njeya. Ngiyazi kuzongakholakali kwabanye nakubantu abadala kodwa ngiyabathembisa ukuthi kangisoze ngeqiwa wuphuzo, ngibe ngisemsebenzeni,” kusho uMlindo.
Uveze ukuthi emuva kwalesi sigameko uthole umyalezo kwiWhatsApp, kukhona abamtshela ukuthi bebemuyala ngalokhu okwenzekile.
“Kangazi ukuthi bengiyalwa kade ngenzeni. Kodwa ngifunde isifundo sokuzigada kakhulu kunakuqala ngoba kusobala ukuthi kunabantu abangasifiseli okuhle,” kusho uMlindo.
Uphethe ngokuthi kunengoma azoyikhipha ngoLwesihlanu oluzayo lapho ecula khona noNathi Mankayi ethi Imali.