UMLINGISI, uWinnie Ntshaba, uthi usezingxoxweni neziteshi zethelevishini ezahlukene ukuze izigcawu zakhe zokucobelelana ngolwazi ngezobuciko azisakaza kwiYoutube, zikhonjiswe kuzo.
UWinnie, ozakhele udumo emidlalweni ehlukene okubalwa kuyo iGenerations neminye, uqale izigcawu zezingxoxo ezibizwa ngeRoundtable Talks. Njengamanje uzisakaza ekhasini le miklomelo yemidlalo ewuchungechunge ayisungula amaRoyalty Soapie Awards kwiYoutube.
"Sesiqophe iziqephu ezimbalwa, esinye isiqephu sisiqophe ngesonto eledlule ngesikhathi sinesidlo sasemini nabanqoba kumaRoyalty Soapie Awards ngonyaka odlule. Sibe no-2020 omuncu, ngakho sibone kungcono ukuthi sihlangane sibuyise nethemba kwabanye," kusho uWinnie.
Ngesikhathi beqopha ngeledlule, izikhulumi bekungo-Angus Gibson, Bonga Percy Vilakazi, Lillian Dube noBongi Mlotshwa
Uthe iRoundtable Talks iyinkundla lapho bekhuluma khona ngemisebenzi ehlukene kwezokungcebeleka, ukukhulisa abafuna ukungena kuyo nangokuhlomisa ngolwazi abalandeli bayo.
"Sifunda ngokuthi kudingekani ukuze ube umbhali wemidlalo, umshuthi nokunye. Bonke abenza lo msebenzi bakhuluma ngohambo lwabo nezingqinamba ababhekana nazo nokuthi bamelana kanjani nazo. Bahlomisa ababukeli ngokuthi uma kwenzeka lokhu kubo, bazophuma kanjani? Yazi nami njengomlingisi ngiyakhula ngoba uke uphelelwe ithemba kodwa uma uzwa nozakwenu bekhuluma ngezinkinga zabo, uyabona ukuthi awuwedwa," kuchaza uWinnie.
Uthe konke abakhuluma ngakho banethemba ukuthi kuzofika nasezindlebeni zikahulumeni, ushaye imithetho yokulawula imboni yabo ngoba ukholwa ukuthi kumele kube nemigomo elawula ukusebenza.
Uqhube wathi ufuna lezi zingxoxo zingagcini kuphela ngokukhuluma ngezokungcebeleka kodwa nangezinye izinhlaka.
"Sifuna ukuthi zivuleleke kuwona wonke umuntu okungaba abasakazi, abasiki bengqephu, abadansi nezinye izimboni."
UWinnie uphethe ngokuthi abantu bazombona kwithelevishini maduze kodwa akavumelekile ukudalula ukuthi kumuphi umdlalo okwamanje.