INKAKHA kaDJ waseNingizimu Afrika, uTira isiphumele obala ngokuthi ingumlandeli wokuqina waMazulu FC.
UTira obengumlandeli wokuqina weKaizer Chiefs, udalule ukuthi usengumlandeli woSuthu walaxaza iKaizer Chiefs, edonsa kanzima kulezi zinsuku.
Lo DJ usanda kubonakala evakashele Usuthu Jonsson Kings Park Stadium lapho efike wanikwa ijezi leqembu elingunombolo 10, nelibhalwe igama lakhe ngemuva.
Ngokusho kwaMazulu, uDJ Tira usengumlandeli weqembu wokuqina. Ngesikhathi evakashele iqembu ufike waqinisekisa ukuthi uyaweseka futhi wathwebula nezithombe egqoke ijezi laMazulu.
Ethintwa yiSolezwe ngeSonto, uTira ukuqinisekisile ukuthi usengumlandeli woSuthu. Akafunanga kuphawula ngeKaizer Chiefs osekuneminyaka egqamisa ukuthi ungumlandeli wayo wokuqina. Izithombe zikaTira edlubhe ijezi laMazulu bezisabalele kuTwitter kuleli sonto.
Abanye abantu bebebuza ukuthi kuphelelephi ukuthembeka kwakhe kwiKaizer Chiefs, abelokhu eveza ukuthi uyayilandeli ngisho izinto zingayihambeli kahle.
AmaZulu alele isithathu kwilog yeDStv Premiership, ngamaphuzu awu-37 kanti iKaizer Chiefs ilele endaweni yesishiyagalolunye ngawu-24.