USTEVE Harvey izolo ubehambele imisakazo yeSABC njengoba ezwakale ekhuluma kwiMetro FM ohlelweni lwasekuseni

UMETHULI wezinhlelo waphesheya kwezilwandle uSteve Harvey, useveze ukuthi bekuyiphupho lakhe ukuletha uhlelo iFamily Feud kuleli naseGhana.

Ukusho lokhu njengoba ekuleli ezokwethula lolu hlelo oluzokhiqizwa inkampani ezinze eGoli, iRapid Blue.

USteve osethule lolu hlelo eMelika iminyaka eyisishiyagalolunye, uveze ukuthi akangabazi ukuthi nakuleli lolu hlelo luzojatshulelwa umndeni wonke.

Kulona kuqhathwa imindeni emibili, bese ibuzwa imibuzo ngezinto ezehlukene ezenzekayo ezweni.

“Kuwona womabili la mazwe yimina engizozibambela kulolu hlelo ngokulwethula. Lolu hlelo nginethemba lokuthi kuzoba yinto okukhulunywa ngayo nsuku zonke ezindaweni ezahlukene ngisho abantu besemsebenzini ezwenikazi i-Afrika,” kuchaza uSteve.

Uthe lolu hlelo luzoqala ukuqoshwa maduzane eGoli, bese lukhonjiswa maphakathi nonyaka ozayo.

USteve ufike kuleli ngempelasonto nalapho ehambele khona izindawo ezahlukene okukhona kuzo imisakazo efana neMetro FM ne-947. Ube nengxoxo noDJ Fresh we-947 ezinze eGauteng.

UDuncan Irvine ophethe iRapid Blue, uthe bajabule ngokusebenzisana noSteve Harvey ukukhiqiza lolu hlelo.

Uthe imindeni kuleli ifana nokhonkolo okungelula ukuwuhlukanisa njengoba ibumbene.

Uqhube wathi bayathemba ukuthi bazohlangana nemindeni abazosebenza nayo kahle kulolu hlelo ezophinde ijatshulelwe izibukeli.