USEPHUMELE obala washicilela isitatimende umlingisi nomdidiyeli wohlelo olusha olukhuluma ngabefundisi nosolwa ngokuxhaphaza abasebenzi ngokubafukuzisa engabaholeli.
USonia Mbele ngempelasonto kuvele izinzolo zokuthi kuze kube yimanje akakaze abakhokhele abasebenzi bohlelo iPastors Wives angomunye wabadidiyeli balo. Lolu hlelo seluze laqala ukudlala kwithelevishini futhi lunabalandeli abaningi kodwa izinhliziyo ziyaqaqamba kubasebenzi abangakaze baholele uDisemba, Januwari nofebhuwari. Lokhu kuholele ekutheni abasebenzi balolu hlelo baqale bahudule izinyawo emsebenzini nokufake enkulu ingcindezi.
USonia usephumele obala washicilela isitatimende ezivumela ngokwakhe ukuthi libekhona iphutha nangasohlangothini lwakhe ngoba noma eseneminyaka ekulo mkhakha wezokulingisa kodwa sincane isikhathi engumdidiyeli. USonia uthe uyazi abantu bavuke ngalezi zinsolo ngempelasonto futhi bacabanga ukuthi ngezinye zezindaba ezihudulela phansi igama lakhe kodwa akunjengoba abantu becabanga.
"Sengibe umlingisi iminyaka ewu-25, emithathu kuyo bengiphinde ngibe wumdidiyeli, nokungenza ngibe yingane esakhasa kulo mkhakha. Ngakho ngizowenza amaphutha, futhi iphutha engalenza ukungathumeli ngesikhathi isecelo sokukhokhelwa nokwenze bangakhokheleka abasebenzi. Ngiyaxolisa ngalokho," kusho uSonia.
Ephetha uthe okwamanje ungaphandle kwaseNingizimu Afrika ngokomsebenzi kodwa uzobuya futhi ukulungele ukusebenza nabantu abasafuna abaphathe, uyakwamukela nakulabo abamcekela phansi.