ISILOMO sezinhlelo zethelevishini esidume ngokuhlala sineme sinamahlaya, siveze okokuqala ngokugula okusihlasele nokwenza impilo ibe nzima.
USomizi Mhlongo wodumo lwama-Idols usephumele obala waveza ubunzima bokuhlaselwa wukhwantalala kusukela nyakenye.
USomizi uthe noma ngabe umuntu ubukeka eneme kangakanani phakathi kwabantu kodwa akusho ukuthi konke kusuke kumhambela kahle empilweni.
Lokhu ukuveze ekhasini lakhe laku-Instagram lapho ebechaza kabanzi nangendlela ahlala ezizwa ngayo yize ebukeka ewumqemane kwithelevishini nasezindaweni zobumnandi.
“Laba bantu ababukeka sengathi konke kuhamba kahle kusuke kungenjalo, izinto azihambi kahle empilweni yami. Ngithole ukuthi nginengcindezi yangokomphefumulo ekuqaleni konyaka odlule ngoJanuwari.
“Angikholwa ukuthi iyaphela nya kodwa ngikholwa ukuthi ungenza kube ngcono ngokucabanga okuhle,” kusho uSomizi.
Ngaphandle nje kokhwantalala ubhekene nanesimo esingachazeki sokukhathazeka okuhambisana novalo USomizi ubedalula lezi zindaba eqopha i-video.
Uthe okumenze wathatha lesi sinqumo sokuphumela obala, wukuthi abantu bazi ukuth lokhu kugula kuhlasela noma wubani.
“Muva nje ngibhekene nenkinga yokukhathazeka okuhambisna novalo futhi bengingazi ukuthi i-anxiety yisifo kuze kube ngiyabona nabantu bekhuluma ngakho kwiFacebook. Ngize ngabikela uzakwethu uLerato Kganyago ukuthi ngihlale nginamaphaphu aphezulu ngihlaselwa nawukwesaba ukuthi ngabe yini engahamba kabi.
“Okwamanje izinto zingihambela kahle kakhulu emshadweni, emsebenzini nasemndenini wami kodwa kunalokhu kwethuka okuqeda injabulo,” kusho uSomizi.
Uthe uvalo lukhona unanokucabanga nangekusasa lakhe yize enza kahle kodwa uba novalo nangemali.
Uthe kuze kwaba nemicabango kwabanye yokuthi mhlawumbe akazinikanga isikhathi esanele sokuzilela unina, nakuvumile kodwa wathi akusona isizathu sale nkinga.
USomizi uthe lokhu okwenzeka kuye kumele kube yisibonelo nakwabanye abantu ukuthi izinkinga zihlasela wonke umuntu noma ngabe ukweliphi izinga lempilo.
“Ngisazilungisa nami, ngifuna nazi ukuthi wonke umuntu nabanemali eningi bayabhekana nalezi zimo, mhlawumbe bangangakhuluma ngakho kodwa kuyenzeka.
“Abanemali, abadumile nabahle kakhulu babhekene nezimo ezinzima,” kusho uSomizi.
Abantu abaningi bakhombise ukuyithakasela inkulumo yakhe babodwa ebebembonga ngokubavula amehlo.