UKHALA ezimathonsi usomabhizinisi uJacob Mnisi owayeshade nomculi wekwaito ongasekho uNomasonto Maswanganyi uMshoza, ngokushona kwalo mculi ayeshade naye baze abanezingane ezimbili naye.
UMnisi obezwakala edangele ngesikhathi ekhuluma neSolezwe ngeSonto, uthe ukhathazekile kakhulu.
“Yize besingasathandani naye kodwa izingane bezisihlanganisile. Okungiphatha kabi kakhulu ukuthi izingane zethu zisencane njengoba sezilahlekelwe wunina. Ngendlela okunzima ngayo nakumina akuvumi ngisho ngikhulume ngalento. Akukho engingakwenza, uma sekuvume uMdali kodwa kubuhlungu ukuhamba kwakhe ngoba kuhlukumeza izingane,” kusho uMnisi.
Owayengumelaphi wesintu kaMshoza, uDkt 3 Seconds, uthe uphatheke kabi ngokudlula lwalo mculi.
“Noma ngeke ngikudalule engangimelaphela khona, ngingakuqinisekisa ukuthi okumthathile akuhlobene nakho. Ngizwelana nomndeni kulesi sikhathi esinzima. Ngithi alale ngokuthula uMshoza,” kusho uDkt 3 Seconds.
UPhrojusa kaMshoza uSquire Ndamase, uthe balahlekelwe ngoba kunomculo abese eqalile ukuwuqopha, futhi ubungakapheli.
“Besimatasa nomculo wakhe saphazanyiswa wuthaqa. Ngesikhathi sekuxegiswe imithetho kathaqa, sibhekane nenkinga yokuthi ubesexinwe wukugula ngenxa kashukela engakulungele ukuthi aye koqopha. Besinethemba lokuthi uzothi uma eseluleme bese siyaqhubeka kanti akusezokwenzeka,” kusho uNdamase.
UNdamase uthe nezinhlelo zokungcwatshwa kwalo mculi azikakaphothulwa kodwa basaxoxa nomndeni.
“ Ngikholwa ukuthi kusasa ntambama (namhlanje) zizobe seziphothuliwe izinhlelo zokungcwatshwa kwakhe. Angifuni ukusheshe ngisho usuku ngoba uma kwenzeka lushintsha kuzoba sengathi ngingumuntu ongenalo iqiniso. Nginesiqiniseko luzoqinisekiswa kusasa (namhlanje),” kuqhuba uNdamase.
USOMABHIZINISI uJacob Mnisi owayeshade noMshoza Isithombe: INSTAGRAM