USJAVA ugxeke abakhuluma ku twitter kuphela ngaphandle kokuthatha izinyathelo. Isithombe: Sigciniwe
INTANDOKAZI yomculo we-Afro Soul uJabulani 'Sjava' Hadebe ugxeke indlela abantu abasha bakuleli abathanda ngayo ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana ngaphandle kokwenza umnyakazo emphakathini.

USjava ukuveze lokhu ekhasini lakhe lika twitter izolo ngesikhathi ebhala ethi: "Izwe lethu lizobola nje ingenxa yentsha yanamhlanje elibala ukubhala kutwitter, asihlangane senze okuthize ngayo yonke into!"

Lo mbhalo ulandelwe yimibono eminingi eyahlukene evela kubalandeli bakhe kutwitter. Abanye bamncomile ngombono wakhe kanti abanye bamsole ngokuba ngomunye wababhala kutwitter kuphela kepha bangathathi zinyathelo.