NOKUBONGWA PHENYANE
ABATHI vu osaziwayo bakuleli uLady Zamar noSjava ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi icala lokudlwengula ebelibhekene noSjava, lichithiwe.
Ekuqaleni kwalo nyaka kwavela izindaba zokuthi babethandana, kwathi besathandana kwaba nesigameko esenzeka beseLimpopo esithinta ukuya ocansini. ULady Zamar kwavela ukuthi wavulela uSjava icala lokudlwengula kodwa uSjava wathi okushiwo uLady Zamar akulona iqiniso.
Izindaba zokuchithwa kwecala eladonsa amehlo abaningi zivele ngoMsombuluko ntambama.
Okhulumela amaphoyisa aseLimpopo uColonel Moatshe Ngoepe, ekhuluma neSolezwe ukuqinisekisile ukuthi icala lichithiwe.
“Uphenyo olunzulu oluthinta icala silwenzile kusukela lanikwa abaseshi bethu. Kodwa uphenyo lufike la kuvela ukuthi ubufakazi obuqanda ikhanda abukho, sabe sesixhumana nophiko lwezokushushisa, salunika ebesinakho, okunye ke okuthinta icala seningabuza bona kodwa thina owethu umsebenzi usuphelile,” kuchaza uColonel Ngoepe.
Leli phephandaba lizame kaningi ukuxhumana noSjava ukuzwa ukuphawula kwakhe ngodaba kodwa ucingo lwakhe belukhala aluvale.
Ngisho umyalezo athunyelelwe wona akawuphendulanga.
NoLady Zamar ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
Ngo-Agasti uSjava waqopha i-video ethi akayena umdlwenguli. Wayechaza okwenzeka ngosuku lwesigameko.
“Ngineminyaka ngingomunye wabantu abalwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Ngikholwa wukuthi okudale lesi simo ukuthi uLady Zamar wazizwa engahloniphekile ngemuva kokuthi ngethule unkosikazi wami, emcimbini engangiwenzile i-One Night With Sjava la ngamveza khona emphakathini, engibona sengathi uMabanda ayimphathanga kahle le ndaba futhi wazizwa ehlambalazekile. Ngiyaxolisa ngokumbeka kulesi simo njengoba ngibona sengathi akasazethembi, njengoba abanye base bembuka njengomakhwapheni othandana namadoda ashadile,” kuchaza uSjava kwi-video.
ULady Zamar naye waqopha eyakhe i-video ngemuva kwekaSjava eveza ukuthi usamile emazwini akhe okuthi uSjava ayembiza ngoJabulani, wamdlwengula.
USjava wakhishwa emcimbini ayeqokwe futhi ezophinde anandise kuwona amaDStv MVCA, waphinde wachithwa emcimbini we-jazz iCape Town Jazz Festival lapho kwakumele anandise khona.