UBONGE indlela amkhulise ngayo unina umethuli wezinhlelo zethelevishini oveze ekhasini lakhe lika-Instagram ukuthi unina akasekho emhlabeni.
USidwell Psyfo Ngwenya owaduma kakhulu ngezikhathi zezinhlelo zabantwana iYoTV uveze ukuthi unina uJune Diva Krause ubeyikho konke empilweni yakhe.
Ukubeke kwacaca ukuthi unina ubewumuntu obeyithanda impilo futhi uyiphile ngendlela ebefisa ngayo kwaze kwaba sekugcineni.
"Ngiyabonga ngakho konke ongenzele khona, wangivulela amathuba empilweni. Kubuhlungu kuqaqamba kunjalo kodwa ngiyajabula ukuthi uphile impilo yakho kwaze kwaba sekugcineni. Ubuwenza lokhu okuthandayo uvakashela namanye amazwe. Sizokukhumbula futhi sizohlale sikuthanda," kubeka uPsyfo.
Lo myalezo kaPsyfo ebewubhekise kunina uthinte abantu abaningi ikakhulu abalandeli bakhe nabazwakalise okukhulu ukuzwelana naye ngalesi sikhathi esinzima abhekene naso.
UPsyfo kuzokhumbuleka ukuthi yize egxile ezinhlelweni zethelevishini kodwa uphinde abengumculi nokuyinto ebiyikhono elikhulu kulo mndeni njengoba nonina uDiva ebengumculi we-Opera.